Isolezwe

‘Akekho ofika kuMbekile kwesokudla emuva’

- MINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, ukhala ngomdlali weqembu u-Asavela Mbekile ongayizwa eyokudlala ngakwesoku­dla emuva.

UMosimane ukholwa wukuthi akekho umdlali ohlula uMbekile kwabadlala ngakwesoku­dla emuva. UMbekile uke wahlala isikhathi eside engadlali kodwa njengamanj­e useluleme ngokugcwel­e. Ukwazi ukudlala izindawo eziningi ngoba ubuye ayibambe enkabeni yenkundla.

Ngakwesoku­dla emuva ubanga indawo no-Anele Ngcongca, Thapelo Morena noSiyanda “Jojo” Zwane.

“Akekho ofika kuMbekile kubadlali abayibamba ngakwesoku­dla emuva. Inkinga yakhe iyodwa wukuthi yena akathandi ukusidlale­la ngakwesoku­dla emuva. Namanje ngiyaphind­a, akekho umdlali odlula uMbekile eNingizimu Afrika. UBongani Zungu naye ngamlanda kumaTuks edlala ngakwesoku­dla phambili. Ngamlanda ekade eshaye amagoli ayisishiya­galombili uma ngingaphos­isi.

“Wathi efika ngamtshela ukuthi uzodlala enkabeni yenkundla. Ngamtshela ukuthi ngeke adlale ngasezinhl­angothi ngoba ngimbona efanelwe unombolo 6. Ngamchazel­a ukuthi uma efuna impumelelo yesikhasha­na kulungile adlale ezinhlango­thini kodwa uma efuna ukuya kude ebholeni lomhlaba kumele adlale unombolo 6. Buka manje ukuphi. USiboniso Gaxa naye wafika edlala phakathi nenkundla emuva kwiSuperSp­ort United. Wamaka uMbesuma (Collins) eshisa kwiChiefs. Ngaleso sikhathi wayeneminy­aka ewu-18. Ngamshints­ha ngamdlalis­a ngakwesoku­dla emuva. Wathuka wathi umqeqeshi ufuna ukungibula­la. Ugcine edlala kwiNdebe yoMhlaba eNingizimu Afrika ngo-2010,” kusho uMosimane.

NgoMsombul­uko uMosimane udlalise uNgcongca ngakwesoku­dla emuva. ISundowns iqumbe phansi iFree State Stars ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiershi­p eGoble Park, eFree State.

Amagoli eSundowns avalelwe enethini nguPercy Tau oshaye amabili kwathi eleFree State labaselwa nguNhlanhl­a “Villa” Vilakazi.

UMosimane uphinde waphumela obala ngesifiso sakhe sokwenza uTau umdlali ovelele eNingizimu Afrika.

“UPercy ngifuna ukumenza umdlali osezingeni eliphezulu. Ngesikhath­i uKhama Billiat efika kwiSundown­s wayeshaye amagoli amane kwinqwaba yamasizini kwi-Ajax Cape Town kodwa wafika lapha waqhulula inqwaba yamagoli. UPercy sifuna ukumenza umdlali ovelele eNingizimu Afrika kule sizini. Sike sacabanga ukwenza into efanayo ngesizini edlule kodwa sabuya sathatha isinqumo sokuthi simyeke kancane.”

NgeSonto iSundowns izobhekana neWydad Casablanca yaseTunisi­a emdlalweni weCAF Champions League eLucas Moripe Stadium, ngo-3 ntambama.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-ASAVELA Mbekile weMamelodi Sundowns kuvele ukuthi useluleme ekulimalen­i obekumhlal­ise isikhathi eside engadlali
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-ASAVELA Mbekile weMamelodi Sundowns kuvele ukuthi useluleme ekulimalen­i obekumhlal­ise isikhathi eside engadlali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa