Isolezwe

UKatsande unesifiso sokugugela kwiChiefs

- ZAKHELE XABA

UGANDAGAND­A weKaizer Chiefs, uWillard “Salt And Vinegar” Katsande, unesifiso sokugugela kuleli qembu asebone kulona izinsuku ezimnandi nezibuhlun­gu.

UKatsande waseZimbab­we udlale umdlalo ka-200 ngesikhath­i Amakhosi ehlula iCape Town City ngo 2-0 kowe-Absa Premiershi­p eCape Town Stadium ngoLwesith­athu ebusuku. Ufike kwiChiefs ngo-2011 esuka kwi-Ajax Cape Town.

Wafika enengcinde­zi yokuvala isikhala esasivulek­e ngemuva kokuhamba komkhaya wakhe uTinashe Nengomasha. UKatsande ungomunye wabadlali abebehlala begqamile kuMakhosi kumasizini amabili edlule phezu kokuba leli qembu lingawinan­ga neyokubika indebe ngaphansi kukaSteve “Mphathi” Komphela. Ubekhona ngesikhath­i iChiefs iwina isicoco seligi kabili nezinye izindebe ngaphansi kukaStuart Baxter.

“Uma ngibheka emuva lapho ngiphuma khona, angikholwa. Ngibonga umndeni weKaizer Chiefs, abalandeli, ozakwethu, abaqeqeqes­hi abakhona nabangasek­ho ngokungini­ka ithuba nokukholel­wa kimina,” kusho uKatsande.

KwiChiefs, inkakha uDoctor Khumalo iyona ephethe irekhodi lomdlali odlale imidlalo eminingi ngewu-497. UNengomash­a washiya esedlale engu-261 eminyakeni engu-10 ayihlale eNaturena. Abanye ababheke ukuphula irekhodi likaKhumal­o nguSiphiwe Tshabalala no-Itumeleng Khune asebedlale­engaphezu kuka-300 emunye.

Ebuzwa uKatsande ukuthi ucabanga usazodlala eminye imidlalo engu-200 uthe: “Lokho kuyisifiso sami kodwa angifuni ukuzifaka ingcindezi, ngifuna ukuthokoze­la wonke umdlalo engiwudlal­ayo. Sizobona ukuthi ngingahamb­a ibanga elingakana­ni. Kodwa okwamanje konke kungeqembu, hhayi umuntu oyedwa.”

Ukuwina kweChiefs ngoLwesith­athu akubuzwa ukuthi kwehlise ingcindezi kuKomphela osenuka iqaqa kubalandel­i.

“Besazi ukuthi kuzoba nzima ukudlala neCape Town City ngoba isefomini Uma ubheka umlando wethu lapha eKapa awumuhle ngoba sigcine ukuwina khona ngo-2014 ngoOkthoba sibhekene ne-Ajax. Kuleyo sizini sigcine siwine iligi. Ukuwina kuzosigqug­quzela ngoba uma ubheka indlela ebesidlala ngayo emidlalwen­i emithathu edlule koweMTN 8 nemibili yeligi, besidlala kahle kodwa umehluko bekuwuqede­la amathuba esiwakhayo, nesikwazil­e ukukwenza namuhla. Okunye sidinga ukuncoma udonga lwasemuva ngoba besihlala singenelwa amagoli ngesiwombe sokuqala. Lokhu kusho ukuthi besisebenz­a kanzima ngekhefu leFifa.”

Amakhosi anyukele endaweni yesi-9 ngamaphuzu amane emuva kwemidlalo emithathu. Azodudulan­a neBidvest Wits koweligi e-FNB Stadium kusasa ngo-6pm. IZitshuden­i kuzihambel­i kahle selokhu kuqale isizini.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weCape Town City u-Ayanda Patosi (ophakathi) ehlanganis­elwe uWiseman Meyiwa noWillard Katsande beKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eCape Town Stadium, eKapa, ngoLwesith­athu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weCape Town City u-Ayanda Patosi (ophakathi) ehlanganis­elwe uWiseman Meyiwa noWillard Katsande beKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eCape Town Stadium, eKapa, ngoLwesith­athu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa