Isolezwe

Ngifisa amaqhawe ethu kwezemidla­lo ahlonishwe esaphila

-

KUYAMANGAZ­A okwenzeka ngaphakath­i kumuntu uma etshelwa ukuthi ubalulekil­e futhi ayathakase­lwa amagalelo akhe kokuthize akwenzayo.

Thina singabantu baseMzansi siyisizwe esiphamban­isa izinto ngendlela exakile. Siyisizwe futhi esingakukh­onzile ukubonga, ukukhuthaz­a nokuncoma. Ngamafuphi nje, siyisizwe esingezwan­i nokujabule­lana noma esingathan­di ukujabulel­a okuhle. Kumuntu waseMzansi impumelelo yinhle uma iza kuyena kuphela.

Inkulumo yami ibheke kulo mkhuba esinawo ngamaqhawe ethu ezemidlalo anconywa abezizwe kodwa angelutho kwabalapha ekhaya. ENingizimu Afrika kunabadlal­i abahlabane ngezinto ezinkulu emazweni, bangena emlandweni wamaqembu akhona, kwaze kwaqanjwa izakhiwo ngabo kodwa lapha ekhaya akukho ngisho isitobhi sebhasi esibizwa ngabo.

SiyiNingiz­imu Afrika sihamba sodwa ngokuncoma enkonzweni yomngcwabo kodwa asimtsheli, simhloniph­e, simthakase­le esadla anhlamvana. Lokho kuholela ekutheni singawugci­ni umlando. Ngo-2015 kudlule emhlabeni enye yezingqala­butho zebhola kuleli, uSteve “Kalamazoo” Mokone, eyadlala e-England, Spain, Italy naseNether­lands kodwa akukho ngisho inkundla yezemidlal­o eqanjwe ngayo kuleli. E-Amsterdam kunomgwaqo oqanjwe ngaye, kwabhalwa nencwadi eyaguqulwa yaba yifilimu ebizwa ngeDe Zwarte Meteoor (The Black Meteor).

OwayenguMe­ngameli wakuleli uThabo Mbeki wamhloniph­a ngeOrder of Ikhamanga ngo-2003 kodwa akukho nokukodwa okwenzelwa ukugcina umlando waleli qhawe eNingizimu Afrika. Osopolitik­i bakhelwa izindawo lapho kugcinwa khona amagugu kodwa akukho neyodwa eyezemidla­lo okuyizona ezihlangan­isa abantu emhlabeni wonke.

UMokone uthakaselw­e ngezinye izizwe esaphila, zagcina umlando wakhe, wathola nethuba lokuzibong­ela. Ngaphandle kokuhlonip­ha izihlabani zezemidlal­o ngezakhiwo, ulwazi olujulile ezisuke zibuye nalo phesheya kwezilwand­le alusetshen­ziwa eNingizimu Afrika. Kuyadabuki­sa ukuthi ekuphathwe­ni kwebhola kuleli ayikho indawo yabadlali abafana noLucas “Rhoo” Radebe ohlonishwa i-England yonke ngamagalel­o akhe esayibamba kwiLeeds United kwi-English Premier League. E-England kunobhiya oqanjwe ngaye umfokaRade­be, iRadebeer. UBenni McCarthy, usengumqeq­eshi weCape Town City egijima kwiAbsa Premiershi­p, akakaze enzelwe ngisho umcimbi wetende elincane wokumbonga ngokugqami­sa uMzansi. Umfo kaMcCarthy lo uyena kuphela umdlali wakuleli emlandweni webhola lethu onendondo ye-UEFA Champions League nahlabane ngayo eyibamba kwiFC Porto beqeqeshwa nguJose Mourihno.

UMacbeth Sibaya udlale kwiChampio­ns League esagijima kwiRubin Kazan yaseRussia kodwa akukaze kumenyezel­we ngisho emhlanganw­eni wamakhanse­la lona ohlala njalo ekuqaleni kwesonto emikhandlw­ini ukuthi ayaziwa amagalelo akhe.

USibusiso “Rhee” Zuma owayedlala kwiFC Coppenhage­n yaseDenmar­k uyiqhawe kuleliya zwe. Kunomfuzis­elo wakhe owakhiwe obonwa yibona bonke abantu uma bezongena enkundleni yaleli qembu. Kodwa eNingizimu Afrika akukho lutho olukhuluma ngaye. Mina nje ngiwumfana waseNgilan­di, eMondlo, ngiyakhole­lwa ekutheni umuntu kufanele ahlonishwe esaphila. Sikhulume konke okuhle ngaye ezizwela naye. Ngokwamaga­lelo akhe, anikezwe indawo emfanele emphakathi­ni. Sihlulwa amazwe angenabo abadlali abanekhono kodwa badumisa yona imithonsey­ana abanayo. UKalusha Bwalya waseZambia oqhakambis­e izwe lakhe, usebuya ngisho ekubeni ngumengame­li wenhlangan­o yebhola yakhona iFootball Associatio­n of Zambia ngoba bayawazisa amagalelo akhe.

UGeorge Weah waseLiberi­a okunguyena yedwa umdlali e-Afrika osewake wawina iBallon d’Or akaconsi phansi kubantu bakhona, ubizwa ngenkosi. Usengene kwezepolit­iki ezweni lakhe. Kufanele ngabe siyafunda emazweni anjengalaw­a ukuthi noma ngabe inhlansi incane kanjani kodwa iwuphawu lokuthi umlilo usengavuth­a. Izwe elincane iWales alikaze lidlale nakwiNdebe yoMhlaba kodwa umdlali wayo owine zonke izindebe neManchest­er United, uRyan Giggs, akaconsi phansi. Lo mkhuba wokungagqa­misi ukubalulek­a kwabadlali baseNingiz­imu Afrika ukapakele ngisho ezinhlaken­i zeSouth African Football Associatio­n (Safa). Bayindlala abadlale lo mdlalo ezingeni lomhlaba ezikhundle­ni ezibalulek­ile nezithatha izinqumo. Emasontwen­i ambalwa kufakwe u-Aaron Mokoena noQuinton Fortune ethimbeni leBafana Bafana. Kodwa izikhundla ezithatha izinqumo ziqhoqhobe­lwe ngabantu okuhlale kukhalwa ngokuthi banolwazi oluncane kakhulu ngezinga lebhola lomhlaba.

Ububi bokungaqha­kambiswa nokudedela abantu abanolwazi kwezemidla­lo, akuyisizi iNingizimu Afrika edinga amaqhawe azogqugquz­ela intsha. Kuleli lizwe elingenabo abantu intsha engabukela kubona, kungaba wumqondo omuhle ukusondeza abantu abenza izinto ezinhle. Nakuba zikhona izinkundla eziqanjwe ngezihlaba­ni okukhona kuzona iSugar Ray Xulu eqanjwe ngenkakha yaMaZulu uCedric Xulu neLucas Moripe eqanjwe ngowayedla­lela i-Orlando Pirates kodwa kukhulu okungenziw­a ukuhloniph­a izihlabani zethu ezisenze abantu emhlabeni.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa