Ngifisa amaqhawe ethu kwezemidlalo ahlonishwe esaphila
KUYAMANGAZA okwenzeka ngaphakathi kumuntu uma etshelwa ukuthi ubalulekile futhi ayathakaselwa amagalelo akhe kokuthize akwenzayo.
Thina singabantu baseMzansi siyisizwe esiphambanisa izinto ngendlela exakile. Siyisizwe futhi esingakukhonzile ukubonga, ukukhuthaza nokuncoma. Ngamafuphi nje, siyisizwe esingezwani nokujabulelana noma esingathandi ukujabulela okuhle. Kumuntu waseMzansi impumelelo yinhle uma iza kuyena kuphela.
Inkulumo yami ibheke kulo mkhuba esinawo ngamaqhawe ethu ezemidlalo anconywa abezizwe kodwa angelutho kwabalapha ekhaya. ENingizimu Afrika kunabadlali abahlabane ngezinto ezinkulu emazweni, bangena emlandweni wamaqembu akhona, kwaze kwaqanjwa izakhiwo ngabo kodwa lapha ekhaya akukho ngisho isitobhi sebhasi esibizwa ngabo.
SiyiNingizimu Afrika sihamba sodwa ngokuncoma enkonzweni yomngcwabo kodwa asimtsheli, simhloniphe, simthakasele esadla anhlamvana. Lokho kuholela ekutheni singawugcini umlando. Ngo-2015 kudlule emhlabeni enye yezingqalabutho zebhola kuleli, uSteve “Kalamazoo” Mokone, eyadlala e-England, Spain, Italy naseNetherlands kodwa akukho ngisho inkundla yezemidlalo eqanjwe ngayo kuleli. E-Amsterdam kunomgwaqo oqanjwe ngaye, kwabhalwa nencwadi eyaguqulwa yaba yifilimu ebizwa ngeDe Zwarte Meteoor (The Black Meteor).
OwayenguMengameli wakuleli uThabo Mbeki wamhlonipha ngeOrder of Ikhamanga ngo-2003 kodwa akukho nokukodwa okwenzelwa ukugcina umlando waleli qhawe eNingizimu Afrika. Osopolitiki bakhelwa izindawo lapho kugcinwa khona amagugu kodwa akukho neyodwa eyezemidlalo okuyizona ezihlanganisa abantu emhlabeni wonke.
UMokone uthakaselwe ngezinye izizwe esaphila, zagcina umlando wakhe, wathola nethuba lokuzibongela. Ngaphandle kokuhlonipha izihlabani zezemidlalo ngezakhiwo, ulwazi olujulile ezisuke zibuye nalo phesheya kwezilwandle alusetshenziwa eNingizimu Afrika. Kuyadabukisa ukuthi ekuphathweni kwebhola kuleli ayikho indawo yabadlali abafana noLucas “Rhoo” Radebe ohlonishwa i-England yonke ngamagalelo akhe esayibamba kwiLeeds United kwi-English Premier League. E-England kunobhiya oqanjwe ngaye umfokaRadebe, iRadebeer. UBenni McCarthy, usengumqeqeshi weCape Town City egijima kwiAbsa Premiership, akakaze enzelwe ngisho umcimbi wetende elincane wokumbonga ngokugqamisa uMzansi. Umfo kaMcCarthy lo uyena kuphela umdlali wakuleli emlandweni webhola lethu onendondo ye-UEFA Champions League nahlabane ngayo eyibamba kwiFC Porto beqeqeshwa nguJose Mourihno.
UMacbeth Sibaya udlale kwiChampions League esagijima kwiRubin Kazan yaseRussia kodwa akukaze kumenyezelwe ngisho emhlanganweni wamakhansela lona ohlala njalo ekuqaleni kwesonto emikhandlwini ukuthi ayaziwa amagalelo akhe.
USibusiso “Rhee” Zuma owayedlala kwiFC Coppenhagen yaseDenmark uyiqhawe kuleliya zwe. Kunomfuziselo wakhe owakhiwe obonwa yibona bonke abantu uma bezongena enkundleni yaleli qembu. Kodwa eNingizimu Afrika akukho lutho olukhuluma ngaye. Mina nje ngiwumfana waseNgilandi, eMondlo, ngiyakholelwa ekutheni umuntu kufanele ahlonishwe esaphila. Sikhulume konke okuhle ngaye ezizwela naye. Ngokwamagalelo akhe, anikezwe indawo emfanele emphakathini. Sihlulwa amazwe angenabo abadlali abanekhono kodwa badumisa yona imithonseyana abanayo. UKalusha Bwalya waseZambia oqhakambise izwe lakhe, usebuya ngisho ekubeni ngumengameli wenhlangano yebhola yakhona iFootball Association of Zambia ngoba bayawazisa amagalelo akhe.
UGeorge Weah waseLiberia okunguyena yedwa umdlali e-Afrika osewake wawina iBallon d’Or akaconsi phansi kubantu bakhona, ubizwa ngenkosi. Usengene kwezepolitiki ezweni lakhe. Kufanele ngabe siyafunda emazweni anjengalawa ukuthi noma ngabe inhlansi incane kanjani kodwa iwuphawu lokuthi umlilo usengavutha. Izwe elincane iWales alikaze lidlale nakwiNdebe yoMhlaba kodwa umdlali wayo owine zonke izindebe neManchester United, uRyan Giggs, akaconsi phansi. Lo mkhuba wokungagqamisi ukubaluleka kwabadlali baseNingizimu Afrika ukapakele ngisho ezinhlakeni zeSouth African Football Association (Safa). Bayindlala abadlale lo mdlalo ezingeni lomhlaba ezikhundleni ezibalulekile nezithatha izinqumo. Emasontweni ambalwa kufakwe u-Aaron Mokoena noQuinton Fortune ethimbeni leBafana Bafana. Kodwa izikhundla ezithatha izinqumo ziqhoqhobelwe ngabantu okuhlale kukhalwa ngokuthi banolwazi oluncane kakhulu ngezinga lebhola lomhlaba.
Ububi bokungaqhakambiswa nokudedela abantu abanolwazi kwezemidlalo, akuyisizi iNingizimu Afrika edinga amaqhawe azogqugquzela intsha. Kuleli lizwe elingenabo abantu intsha engabukela kubona, kungaba wumqondo omuhle ukusondeza abantu abenza izinto ezinhle. Nakuba zikhona izinkundla eziqanjwe ngezihlabani okukhona kuzona iSugar Ray Xulu eqanjwe ngenkakha yaMaZulu uCedric Xulu neLucas Moripe eqanjwe ngowayedlalela i-Orlando Pirates kodwa kukhulu okungenziwa ukuhlonipha izihlabani zethu ezisenze abantu emhlabeni.