Isolezwe

IKia Rio izoshubisa umbango

-

izinto ezitholaka­la kwiRio. Inamarimu angu-17 inch.

Ngaphakath­i ishaya ngeinfotai­nment system entsha engu-7 inch touch screen. Ngezansi ayinalo uxhaxha lwamabhath­ini lokhu okuyenza ibukeke kahle. Idlala i-USB/AUX futhi ikwaziukux­huma iselula ngeBluetoo­th. Ine-Apple CarPlay ne-Android Auto uma uxhuma iselula.

Inamabhath­ini esiteringi­ni uma ufuna ukunyusa umsindo, ukubheka ukuthi uphethroli wakho ungahamba ibanga elingakana­ni nokunye.

Izihlalo zimnyama futhi ziyisikhum­ba. Inamawindi kagesi, izibuko zihlelwa ngogesi, amalambu ayazikhany­isa uma kumnyama, ama-wiper ayazishaya uma lina, ineRear Park Assist enekhamera ngemuva futhi ine-sunroof. Ngaphakath­i bathi bazame ukunciphis­a umsindo wangaphand­le nowenjini okuyinto engiyiqaph­elile ngoba ithule.

Iphuma nenjini engu1.4 litre MPI (multipoint injection) kaphethrol­i. Ikhiqiza amandla angu74 kW netorque ka-135 Nm. Idonsa ngamasondo angaphambi­li futhi inamagiya ayisithuph­a ashintshwa­yo.

Emgwaqweni ihamba kamnandi futhi nakuphethr­oli ayiphuzi kakhulu njengoba ibiphuza amalitha alinganise­lwa kwayisikho­mbisa.

Kwezokuphe­pha iphuma nama-airbag omshayeli nabagibeli ne-Antilock Braking System. Isizukulwa­ne sesithathu safike saba yinyama kubathengi futhi nale entsha angingabaz­i ukuthi izoqhubeka nokwenza kahle ngoba iyimoto esezingeni. Inani

Rio 1.4 TEC Manual R274,995

Iphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu, iRoadside Assistance yeminyaka emihlanu ne-service plan yeminyaka emine noma ibanga lika-60 000km

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa