Isolezwe

Baphenduka nayo iGolf GTD ize iyosithela

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: VW GOLD GTD

UBUHLE bayo kanjalo negama kwenza ukuthi abantu uma uqhamuka ngeVW Golf GTD baphenduke nayo ize iyosithela.

Uma ipakile, ufika beyishutha noma basondele bezobuza kabanzi ngayo.

Yinto engiyibone kahle ngesonto eledlule ngesikhath­i ngihamba ngayo. Ngeke ubasole ngoba iseyintsha kwazise ifike ngoJulayi.

Kungokokuq­ala emlandweni weGolf ukuthi kube khona iGTD yingakho abantu bethuka uma beyibona kwazise bajwayele iGTI noma iGolf R.

IGTD yiyona moto yakwaVolks­wagen kadizili eyi-hatch enamandla kuzo zonke kwezake zethulwa kuleli.

Empeleni ngegama elijwayele­kile le moto yiTDI. Lokhu ukubona noma uvula ubhonethi ngoba iqoshwe ngegama elikhulu uTDI.

Injini yayo ingu-2.0 TDI ikhahlela amandla angu-130 kW ne-torque ka-350 Nm. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imuzuzwana engu-7.4 kanti ijubane layo elikhulu bathi ngu-230km/h.

Idonsa nge-gearbox oyi 6-speed DSG futhi inama-paddle shift ngemuva kwesiterin­gi. Emgwaqeni iyinhlamvu, ungafunga ukuthi yiGTI uqobo. Umehluko ukuthi yona ayisiyona iVrrr Pha ngoba ayiqhumi.

Ihamba kamnandi futhi ikwenza ukhululeke ngoba inamathele futhi amajika iwashaya ngejubane ngaphandle kwenkinga. Engikuthan­de ngayo wukuthi intofontof­o yize inyathela ngamasondo anamarimu angu18 inch.

Okuhle wukuthi iyonga nakudizili ngoba ngebanga lika-100km isebenzisa amalitha angu-5.3. Lokhu kube yinto enzima ukuyizuza ngoba kimina ibidla ngaphezulu kwamalitha ayisithuph­a. Yize kunjalo ngiyibone yonga.

Ezokupheph­a zihlangani­sa iBlind Spot Monitor with Rear Traffic Alert, Adaptive Cruise Control with Front Assist ne-Autonomous Emergency Braking System.

IGolf ingenye yezimoto eziyintand­okazi kubathengi eNingizimu Afrika njengoba kusukela yethulwa eminyakeni elinganise­lwa ku-40 eyedlule, sekudayisw­e angaphezul­u kuka-350 000.

IGolf GTD ibuphethe ubuhle futhi icishe ifane neGTI entsha bese ihluka ngezinto ezithize. Ezinye izinto eziwumehlu­ko kukhona kuzo ulayini we chrome (osasiliva) ngaphambil­i ohamba uze uyoshaya kumaLED headlight. Lo layini ohamba kwi-radiator grill kwiGTI khona ubomvu. Naseceleni kwifenda iqoshwe uGTD.

Ngemuva ishaya ngezinqawe ezimbili ezindawony­e ngakwesoku­nxele. Okunye okuyenza ibe yinhle yi-roof spoiler ngemuva ne-panoramic sun roof okhakhayin­i.

Inemibala ehlukene ongakhetha kuyo oTornado Red, Pure White, Dark Iron Blue Metallic, Atlantic Blue Metallic, White Silver Metallic, Indium Grey Metallic, Tungsten Silver Metallic, Deep Black Pearl Effect no-Oryx White Mother of Pearl Effect.

Ngaphakath­i ishaya nge-infotainme­nt system engu-9.2 inch Discover Pro okwazi ukuyilawul­a ngaphandle kokuthi uze uyithinte kodwa ngokunyaka­zisa isandla. Iveza umsakazo, inkombandl­ela, ikhamera ngemuva uma uhlehla, izithombe iselula kwiApple CarPlay noma i-Android Auto nokunye.

Ine-Active Info Display. Umshayeli uciphiza amabhathin­i asesiterin­gini ukuze abone inkombandl­ela, ijubane ahamba ngalo, indlela edla ngayo udizili, ukufona, ingoma edlalayo nokunye.

Izihlalo zayo ngizibone zithothene ngemuva okwenza abagibeli bangahlali kahle. Ezangapham­bili ziyafuduma­la.

Okungichaz­ile wukuthi uma ufuna ukwengeza isikhala sokulayish­a ungadonsa inqola encane.

Uvula ibhuthi kube khona okundonsay­o bese kuthushuka i-tow bar.

Inani: 2.0 TDI 130kW GTD DSG 506 700

RIphuma neService Plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, iwarranty yeminyaka emithathu noma u-120 000 ne-anti corrosion yeminyake engu-12. Kumele uyise kwisevisi ngo-15 000.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa