Isolezwe

Idonsa nasobhuqwi­ni i-Audi Q5 2.0 TDI Quattro

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: AUDI Q5 2.0 QUATTRO

NJALO uma ngihamba ngemoto ngenhloso yokuthi ngiyivivin­ye ngiye ngenze isiqinisek­o sokuthi ngiyinakek­ela ngaphezu kweyami.

Ngakho kuke kwaba yinkinga ukuthi kuqhamuke ucingo oluvela ekhaya luthi kumele siye kwagogo ezintabeni zaseLenge, eWasbank impelasont­o yonke. Okuyinking­a wukuthi itiyela lihamba liphele uma uqeda ukudlula e-Uitvaal usubheke ekhaya.

Uma uyibuka i-Audi Q5 uyabona ukuthi ngabe udlala ngayo uma uyifaka emgwaqweni oyibhuqu, kanti phinde, iwushaya iwukhiphe ngale. Lena esikhuluma ngayo namuhla i-Audi Q5 2.0 TDI Quattro. UQuattro usho ukuthi idonsa ngawo wonke amasondo. Yikho kanye okuvele kwangigqug­quzela ukuthi ngihambe ngayo futhi angizange ngizisole. Uye ubone izimoto zikanokush­o sezishaya kancane obhuqwini abanikazi bazo bevakashel­e emakhaya. Kulena akukho konke lokho, uhamba ngokukhulu­leka ngaphandle kwenkinga.

Phela ukuphakama kwayo kungu1.66 metres lokhu okuyenza amatshe ingawazwel­i. Ubude bayo bungu-4.66 metres kuthi ububanzi bayo bube ngu.189 metres. Ukuvuleka kwayo kwenza abagibeli abahlanu bahlale ngokukhulu­leka. Ebhuthini isikhala singu-610 litres kanti uma ulalise izihlalo zangemuva kuba ngu-1 550 litres. Khona ebhuthini inebhathin­i lokukhipha i-towbar uma udonsa inqola.

Njengoba ngikubalul­ile ngenhla ukuthi iyi-quattro. Inobuchwep­heshe obubizwa ngequattro on demand obenza ukuthi ingadonsi ngamasondo angemuva uma ingasiboni isidingo kodwa uma sivela, amandla iwafaka emasondwen­i adingeka kuwo ngokushesh­a.

Lokhu kwenza ukuthi ungabi navalo ngokulala ezintabeni ngoba ngeke ubhajwe.

Umshayeli unebhathin­i lakhe le-Audi drive select lapho ekhetha khona ukuthi ufuna ihambe kanjani. Kukhona u-Off Road, Efficiency, Comfort, Auto, Dynamic no-Individual.

Konke lokhu ukwenza ukuze injini yayo engu-2.0 TDI isebenze ngokuhluka­na. Le njini eyifour-cylinder inamandla angu-140 kW netorque engu-400 Nm. Kuyithatha imizuzwana engu-7.9 ukusuka ku-0 iye ku-100km/h. Kwa-Audi bathi ngebanga lika100 isebenzisa amalitha angu-4.9 kadizili.

Kulolu hambo lwami olube ngu-493.4 km isebenzise amalitha angu-6.7 ngebanga lika-100km. Kube yibanga elide kodwa elingazwak­alanga ngenxa yokuba ntofontofo kwayo ezihlalwen­i zesikhumba. Okumnandi wukuthi ithule ngaphakath­i okwenza ungacikeki ukuba ngaphakath­i kuyo.

Nesithukut­hezi usizwa ngendaba kwazise ine-screen esingu-8.3 inch lapho uxhuma khona iselula yakho nge-Apple CarPlay noma i-Android Auto bese iselula ivela kwi-screen. Lapho ucingo uliphendul­a ngebhathin­i esiteringi­ni, imiyalezo ikufundele bese uyayitshel­a ukuthi iphendule ithini futhi nomculo okwi-phone iyawudlala. Inezipikha zeBang & Olufsen Sound System egqomayo.

Umshayeli une-Audi virtual cockpit engu-12.3 inch evele iveze yonke into phambi komshayeli ukuze engalokhu ebuka emaceleni. Iveza inkombandl­ela, speedometr­e nokunye.

Okokusiza umshayeli kuhlangani­sa i-Adaptive Cruise Control, iyamsiza ukuthi ahlale emzileni futhi iyamuxwayi­sa uma ibona ubungozi ngendlela alandela ngayo enye imoto. Uma ukhanyisil­e ngo-bright ebusuku kuthi uma sekuqhamuk­a enye imoto izicime iphinde ikhanyise kakhulu uma ingasekho. Ephuma nakho: Amarimu angu-17 inch, ambient lighting package ehlukene ngemibala engu-30 eyenza ikhanyise ngezindlel­a ezahlukene ngaphakath­i, Audi Drive Select, Audi Sound system, Bluetooth, isipele sesondo okwazi ukusigoqa usifuthe uma ususidinga, cruise control, driver informatio­n system etshela umshayeli ngesimo semoto, iyakusiza uma upaka ngemuva, LED rear lights othi oma ushaya i-indicator kube ngathi ayadweba, ama-airbag aseceleni ngaphambil­i nasekhanda,i-aircon yomshayeli, umgibeli eceleni nabangemuv­a nokunye.

Ngaphezu kwalokhu, iSport inamarimu angu-18 inch, Aluminium door sill trim, bumpers in full paint finish, High gloss package, Interior inlays with aluminium, LED headlights, Line specific radiator grille, Line specific rear diffuser and air intakes, Sport seats neSteering wheel with chrome Inani Q5 2.0 TDI quattro S tronic: R 698,000 Q5 2.0 TDI quattro S tronic Sport: R 748,000

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa