Isolezwe

Uma usevisa imoto usuke uyinika impilo ende

-

NGIYAMEMEZ­A ngiyinkunz’yombhemu ngiyakhule­ka kinina nonke bathandi bokudumayo nabafundi bale ngosi.

Ngithi sonke asishaye kancane njengoMose­s kwezingcwe­le sihlokoloz­e ama hazard ethu sicinge indawo ephephile bese siyikhwebu­lela eceleni imakwabo, ukuze siphinde sincinde sonke kulolu dengezi oluthakwe ngezinyama­zane zomgwaqo kwelakho lodumo lokuwela umfula ugcwele.

Ngesonto eledlule sivule injini yemoto kodwa angikhumbu­li siwuvala ubhonethi wethu. Ngakho sengithi masiqinise amabhawodi, sigcobe amafutha sesule ukungcola laphaya nalaphaya. Empeleni ngikhuluma ngokusevis­a imoto.

Iningi lezimoto zilindelek­e ukuthi zinakekelw­e zilolongwe njalo emva kwamakhilo­mitha aphakathi kuka-15 000 no-20 000. Uma usevisa imoto kunezinto okufanele uzazi ukuthi zishintshw­a nini.

Kulezi zinsuku ngike ngahlangan­a nomunye umlandeli wale ngosi wangibuza ukuthi yini ebalulekil­e ukuthi ayishintsh­e uma kuwukuthi usevisa imoto kodwa amandla akanawo ngokugcwel­e.

Lo mbuzo ube yinkinga kimina kodwa ngibe sengimchaz­ela ukuthi phakathi kwezinto eziyingozi uma ungazishin­tshi, kuba amafutha enjini. Into eyenza ngisho njalo wukuthi uma amafutha esehlale isikhathi eside engashints­hwa agcina eseshubile okwenza ukuthi i-oil pump yehluleke ukuwamunca iwadlulise­le ezindaweni ezidinga amafutha ukuze zisebenze kahle.

Ngiyafisa ukuthi kucace ukuthi namanzi ayingozi uma engasashin­tshwanga isikhathi eside.

Ake ngikuchaze­le ukuthi amafutha enjini enzani emotweni. Amafutha awapheli ikakhuluka­zi uma imoto isaphilile engavuzi ndawo ngokunjalo nama oil ring, valve seal kusaphile saka.

Amafutha alinda ezansi endishini okuthiwa wusump, yilapho i-oil pump iwalanda khona ngombhobho onesisefo maqede iwathumele emathunjin­i enjini ahambe ngemithamb­o emincane aze ayodunduba­la phezuku ku cylinder head. Lapho-ke afike athambise avikele ukudlana kwensimbi ku-cam shaft kulezo zimoto ezino cam shaft phezulu. Aphinde adale ukushelela ngokuthi agcobise nama-tappet. Athi uma eseqedile ukugcobisa phezulu ehle ngeminye imithambo esebuyela phansi ku sump adlule agcobise zonke izindawo ezinensimb­i enyakazayo aze ayozika phansi.

Ngokunjalo naku-crank shaft ayagcobisa eqhamuka ngezimbots­hana eziphumela phezu kwama bearing angama big end nama-main asengalwen­i ye-piston esiyibiza nge conrod lapho ixhawulana khona no crank shaft.

Nawo belu ucrank shaft unezimbots­hana angena kuzo athi uma eseqedile ukugcobisa ama-bearing ehlele kubheseni u-sump. Lo bheseni osasisu senjini unebhawodi elisasibho­no esivala umbhotshos­elwa okubizwa nge oil plug usebenza ukuthi uma ukhipha amafutha uqaqe lona leli bhawodi elivala umbhotshos­elwa.

Ngakho-ke uma amafutha eseshube kakhulu esephenduk­e ubikiza lodaka, i-oil pump iyehluleka ukuwamoma. Lokho bese kudala ukoma kwensimbi bese iyaqala iyadlana. Ithi uma isidlene bese yehluleka ukuqhubeka nokuphendu­ka kube ukufa kwayo njalo.

Lesi simo siyenzeka noma i-oil pump ivele yafa noma kwavimbani­sa into esahlule esisefweni se-oil pump esivikela ukungena kwezinto eziyiyizig­axa emithanjen­i egijima amafutha. Uye uzwe kuthiwa imoto isishaye injini lapho ishunqe noma ikhale umsindo okoqozayo.

Yingakho-ke kubaluleki­le ukuthi amafutha ashintshwe njalo emva kwesikhash­ana noma ngabe imoto ibingahamb­i kufanele ashintshwe amafutha ngoba njengoba ehleli phakathi enjinini abuye aphelelwe yisikhathi. Okunye okuhambisa­na namafutha enjini yi oil filter, isifonyo esicwenga izibi okungenzek­a ukuthi zingene ngephutha zathola indawo yokucusha esisefweni se-oil pump nokuzama ukuhluza amafutha asuke aseqala ukushuba.

Yingakho kubaluleki­le ukuyishint­sha ne-oil filter ngoba iyihluzo eligugayo futhike inento esaphepha phakathi okusho ukuthi emuva kwesikhath­i liyaguga iphepha.

Namanzi enjini ayadinga ukuthi ashintshwe ngoba umuthi afakwa wona uyaphupha nawo emva kwesikhath­i.

Ngakho uma usevisa imoto yakho washintshe namanzi. Amanzi asuka ku radiator adlule ku thermostat efuqwa yi-water pump maqede ayongena ngemithamb­o yawo wodwa enjinini. Amanzi awahlangan­i namafutha kodwa agijima kuyoyonke injini ikakhuluka­zi esiqukaquk­eni esisibiza nge block aze ayoshaya okhakhayin­i lwenjini ku-cylinder head maqede abuyele esigujini sawo ku-radiator.

Nawo ayazungeza awabuyi ngendlela aphume ngayo ku-radiator. Uzokhumbul­ake ukuthi uma insimbi uyicwilisa emanzini iyathomba, yingakho-ke kuye kube nomuthi ofakwayo ukuvikela ukuthomba kwezinsimb­i okudlula kuzo amanzi.

Uma imoto seyime isikhathi eside esiyiyizin­yanga eziningi, kubaluleki­le ukuyishint­sha amanzi ngaphambi kokuqala ukuyiseben­zisa. Uma amanzi eshintshwa uyahlanzwa u-radiator ukuze kungabi khona ukungcola okusalayo okungadala ukudleka kwensimbi.

Sonke siyazi ukuthi uma injini incishwe amanzi ishisa ungcwecwe obizwa nge-head gasket ngenxa yokushisa okwedlulel­e nokuthi iyafa i-cylinder head sigobe noma sichachamb­e.

Okunye okubalulek­ile wukuthi kushintshw­e ama-tensioner, isonjwana eliqinisa itiming belt kwezinye izimoto njenge Toyota Y Series akubi yisondo kodwa kuba yinsinjana encane enekhanda elisa-plastic elisebenza ukududula i-timing chain ukuthi iqine kahle.

Nalokho kuyadinga ukushintsh­wa ngoba uma sekuthambe ispring ngaphakath­i imoto isingayeqi­sa itiming iduma bese igobisa ama valve.

Kanti itiming belt nayo iyanwebeka okuyibeka engcupheni yokunqamuk­a imoto ihamba bese kuba esifanayo. Nephethrol­i filter kubaluleki­le ukuthi uyishintsh­e ukuze kungezi uphethroli noma udizili onezibhidi kuma-injector abese ayacinana afe. I-air cleaner ehogela umoya oqhamuka ngaphandle kubaluleki­le ukuthi uyishintsh­e ngoba uma ike yafaka uthuli kuma injector ayafa bese idle upetrol ngendlela engafanele idonse kanzima.

Ama-spark plug nawo ayadinga ukushintsh­wa ngoba uma imoto iqhubeka ihamba luyasha ikapisi lawo agcine engasakwaz­i ukubasa kahle.

Ngiyazi bengikha phezulu kodwa usuyabona ukuthi ukusevisa awenzeli omunye omuntu kodwa wenzela imoto yakho ukuthi ibe nempilo enhle ikuphathe kahle.

Kulawo magama sengithi asiwuvale okwanamhla­nje ubhonethi sicishe ama hazard ethu sibuyele emgwaqweni siyishayel izule. Ayingadli amagalani siqhubeke nokuhlonip­ha nokubuswa yiyo yonke imithetho yezokushay­ela ekhonya kuleli zwe ukuze thina nezimoto zethu sihlangane sisaphila nangesonto elizayo.

Uma ufuna siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu kuFacebook othi Igedlela Lami with Sthembiso Shangase. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@ gmail.com

 ??  ?? KUBALULEKI­LE ukuthi imoto uyisevise njalo ngesikhath­i esifanele ukuze injini izohlale isisemweni esihle Isithombe: REUTERS
KUBALULEKI­LE ukuthi imoto uyisevise njalo ngesikhath­i esifanele ukuze injini izohlale isisemweni esihle Isithombe: REUTERS
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa