Isolezwe

Bazongenel­a ngeToyota Hilux entsha

- INTATHELI YEZEZIMOTO

IQEMBU leToyota Gazoo Racing SA lizongena lihamba ngeToyota Hilux entsha emjahweni owandulela owamanqamu weSouth African Cross-Country Series (SACCS) ngale mpelasonto eSun City 400.

Ozobe esesiterin­gini nguGiniel de Villiers elekelelwa nguDennis Murphy.

Kuzokhumbu­leka ukuthi sebesele bodwa eqenjini leToyota Gazoo Racing SA njengoba uzakwabo uLeeroy Poulter ahoxa ngenxa yobuthakat­haka besimo sempilo.

UDe Villiers noMurphy bangaphans­i kwengcinde­zi yokugcina irekhodi lakwaToyot­a lokungahlu­lwa.

UMengameli weqembu leToyota Gazoo Racing SA uGlyn Hall, uthe bafuna ukuzama ukunqoba umjaho.

“Kunjalo sifaka iToyota Hilux yethu entsha futhi yize sayihlola ngayo yonke indlela kodwa kuzobe kungokokuq­ala isemjahwen­i.”

Ngaphandle icishe ifane nendala kodwa ithuthukis­e indlela ehamba ngayo ne-suspension ukuze izame ukunqoba iDakar Rally ngoJanuwar­i wonyaka ozayo.

Lo mjaho uzoqala namhlanje uze uphothulwe kusasa. Kusasa umjaho uzoqala ngo-7.30 ekuseni kanti kuzohanjwa ibanga elilingani­swa ku-175km kabili.

Ababukeli bazobe bengena mahhala kulo mjaho oseSun City.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa