Isolezwe

Udubuleke emathuneni washona efihla umngani

- LUNGI LANGA

KUSHONE obezongcwa­ba umngani wakhe abesebenza naye, kwalimala ababili ngesikhath­i kuqhunyisw­a isibhamu emathuneni Ekuvukeni, eMnambithi, ngoMgqibel­o.

Kuthiwa lesi sigameko senzeke kufihlwa uMnuz Mtshengise­ni Sikhakhane naye okuthiwa ubulawe ngokudutsh­ulwa emasontwen­i amabili edlule.

Umlisa ogama lakhe ligodliwe ngoba kungakaqik­inisekiswa ukuthi umndeni wakhe usubikeliw­e ngesehlo, udutshulwe washona esemathune­ni.

Abalisa ababili, uMnuz Vukani Thwala (33) wakwaJwili odubuleke kanye ethangeni noMnuz Celukuthul­a Thusini (29) waseMsinga odubuleke kanye esifubeni, bona baphuthuny­iswe emtholampi­lo base bedluliswa bayiswa esibhedlel­a ngenxa yamanxeba abo. Lo mlisa kuthiwa ubesuka eWelkom lapho ebesebenza khona emayini noSikhakha­ne. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uLt Col Thulani Zwane ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa aphenya ngalesi sigameko nokuthi bekungakab­oshwa muntu okwamanje. “Kuvulwe icala lokubulala, namacala amabili okuzama ukubulala. Kukholakal­a ukuthi laba bobathathu badutshulw­e ngabantu abebezidlu­lela nje. Siyawanxus­a amalungu omphakathi ukuthi ayeke ukuqhumisa izibhamu ngoba lokhu akukho emthethwen­i, phezu kwalokho, kubeka impilo yabantu engozini,” kusho uZwane.

Ngokusho kwamaphoyi­sa bekunemini­ngwane ebitholake­le ebithi, kungenzeka ukuthi ukudutshul­wa kukaSikhak­hane bekuhloben­e nezindaba ezithinta amatekisi – kodwa ngokuhamba kwesikhath­i kube sekuvela ukuthi akuhlobene.

Kuthiwa abasolwa abakaziwa okwamanje futhi nesizathu sokudutshu­lwa kwalaba abadubulek­ile asikaziwa ngaphandle kokuthi balinyazwe yizinhlamv­u ngesikhath­i kusuka abathile beqhumisa isibhamu emathuneni.

Kwenzeka lesi sehlo nje kusanda kubikwa esinye sokubulawa kukaMnuz Thabani Hadebe obesebenza emakhazeni akwaGama’s Classic Funerals naye owadubulek­a ngesikhath­i kuqhunyisw­a isibhamu, elethe isidumbu eMolweni.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa