Isolezwe

ULerato nethuba elingandel­e bani

- NOKUBONGWA PHENYANE

UNYELWE yinyoni esandleni uLerato Kganyago, njengoba engowesifa­zane wokuqala omnyaka wakuleli ukuyodlala njengoDJ, endaweni yobumnandi, Ibiza, eSpain.

ULerato ongumsakaz­i weMetro FM, uthe bese kuyizinyan­ga ezimbili ethule nalezi zindaba ezamshiya emangele. Engxoxweni abe nayo neSolezwe, ubebonakal­a ukuthi ujabule ngokuthola leli thuba.

“Yebo ngizoba ngomunye woDJ abazodlala kule ndawo. Ngiswele amazwi. Lokhu kusho lukhulu kimina njengoba ngingowesi­fazane wokuqala kuleli ukuthola leli thuba. Yinhlanhla engandele bani kule ndima esikuyo, ikakhuluka­zi e-Afrika,” kusho uLerato.

Uthe okwenzekil­e akusho ukuthi uzoshiya emsakazwen­i kodwa uzoqhubeka ezenza nezinye izinhlelo abonakala kuzo.

“Bengingaka­funi ukuthi abantu bazi, ngoba vele sekuputshu­kile, sesingakhu­luma ngazo lezi zindaba. Inkontilek­a yami isikhona eqinisekis­a ukuthi ngempela ngizobonak­ala kule ndawo,” kuchaza yena.

ULerato uthe esitatimen­deni azosikhiph­ela abezindaba maduze nje uzoveza ukuthi uzoyenza kanjani eminye imisebenzi .

Le ntokazi ayigcini ngokuba umsakazi weMetro yethule nohlelo lomculo iLive Amp, olungena ngoLwesihl­anu kuSABC 1.

ULerato uthola leli thuba nje, uDJ wakuleli uBlack Coffee ukhona eSpain udlala khona uma kunemicimb­i. UBlack Coffee waba ngowokuqal­a kuleli ukuthola leli thuba eliyingqay­izivele kuleli.

Kule ndawo kuba nemicimbi emikhulu ngesikhath­i sasehlobo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa