Isolezwe

‘Ngeke iphazamise­ke eyokukheth­a ubuholi’

- PHILI MJOLI

NGEKE luyiphazam­ise ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi ngempelaso­nto uthuthuva olusuke ngeSonto emhlanganw­eni we-ANC esifundeni uKhahlamba kudingidwa isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu.

UMnuz Mdumiseni Ntuli okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uthe ukufika emhlanganw­eni kwamalungu enhlangano abengabizi­we eze nezikhalo bekungavum­elekile.

Uthe nakuba engakayith­oli yonke imininingw­ane ngokuthi kwenzekeni emhlanganw­eni kodwa uyazi ukuthi kunamagats­ha abenezikha­lo ezithile.

“Amagatsha athintekay­o ngizohlang­ana nawo kusasa (namuhla) khona Okhahlamba, silungise izinkinga akhala ngazo,” kusho yena.

Uthe akulona isiko le-ANC ukuya emhlanganw­eni ongabizwan­ga kuwo.

Uthe bekumele abanezikha­lo uma kwenzekile baya emhlanganw­eni bafike basho izikhalo zabo bese beyahamba, bangaphaza­misi umhlangano.

UMnuz Mlungisi Ndlangisa okhulumela i-ANC kulesi sifunda, uthe udaba lokungenel­iseki lwabaphaza­mise umhlangano ludingidwa ezingeni lwesifunda­zwe. Akazi ukuthi kungani beze emhlanganw­eni.

Uthe ngokwazi kwakhe kulimale ababili ngenxa yokunyathe­lana kwabantu, bebaleka.

UMnuz Thulani Sibeko, okhulumela amagatsha angenelise­kile, uthe baye emhlanganw­eni ngoba befuna ukubuza ukuthi izikhalo zabo zizoxazulu­lwa nini nokuthi zizoxazulu­lwa ngubani.

“Ngokwazi kwethu ubuholi obukhona njengamanj­e esifundazw­eni ngeke bukwazi ukuxazulul­a izinkinga zethu ngoba inkantolo ithe bakhethwa ngendlela engafanele,” kusho uSibeko.

Uthe akubona abaphazami­se umhlangano kodwa uphazanyis­we wukuthi ngesikhath­i bebuza lokhu kube nabanye abaphakami­se izandla bebuza ukuthi kanti umhlangano ungowani.

“Ubuholi obebukhona buphume baya kwelinye igumbi elikhona ehholo. Ngemuva kwalokho kwangena amaphoyisa, asifice sicula, singalwi namuntu, aqhumisa isiqhumane, kwahlakaze­kwa. Akukho okubi esikwenzil­e. Sifuna kuxazululw­e izinkinga esaziphaka­misa ngaphambi kokuthi kuyiwe engqungqut­heleni,” kusho uSibeko.

Uthe ngokwazi kwakhe kulimale abahlanu ngenxa yokududula­na nokugxoban­a abantu bebebaleka ngoba kukhona obebebasha­ya ngasemnyan­go.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uCaptain Nqobile Gwala, amaphoyisa aqhumise ibhomu lokwethusa ukuhlakaza isixuku ebesixaban­a kubangwa ukungena emhlanganw­eni.

Uthe kuboshwe abantu ababili ngokususa uthuthuva emphakathi­ni.

Ingxabano uthe kusolwa ukuthi isuke kubangwa ukungena emhlanganw­eni. Kusolwa ukuthi abanye ebehambele umhlangano bavulele ngesibhaxu komunye.

“Olimele uphuthunyi­swe esibhedlel­a,” kusho uCaptain Gwala.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa