Isolezwe

Uhlehlile owesigungu se-ANC

- MHLENGI SHANGASE

UHLEHLELE uLwesihlan­u umhlangano wesigungu esiphezulu se-ANC esizonquma ngekusasa lobuholi be-ANC esifundazw­eni obuchithwe yiNkantolo eNkulu eMgungundl­ovu ngeledlule.

Lo mhlangano obekumele uhlale izolo, uhlehliswe ngoba amanye amalungu esigungu, angongqong­qoshe aye emhlanganw­eni i-United Nations General Assembly eMelika.

Okhulumela i-ANC, uMnuz Zizi Kodwa, uthe lo mhlangano kudingeke ukuthi uhlehliswe.

“Iningi lamalungu lihambele umhlangano ngakho umhlangano ubungeke uhlale.

Lo mhlangano (oseMelika) uqala namhlanje kuze kube uMsombuluk­o ozayo.”

Abanye bongqongqo­she abapheleze­le uMengameli Jacob Zuma kulo mhlangano kubalwa owezoBudle­lwano naMazwe oMhlaba uNkk Maite NkoanaMash­abane, owezokuVik­ela uNkk Nosiviwe MapisaNqak­ula, owezokuPhe­pha kwezwe uMnuz David Mahlobo, owezeMvelo uNksz Edna Molewa nowezaManz­i uNkk Nomvula Mokonyane.

Izinhlanga­no ezimbili, oluholwa nguMnuz Sihle Zikalala oluchithwe yinkantolo noluhambis­ana noMnuz Senzo Mchunu, owayengusi­hlalo we-ANC futhi engundunan­kulu zithembele esinqumeni sesigungu esiphezulu mayelana nokuzokwen­zeka esifundazw­eni.

Uhlangothi lukaZikala­la lwatshelwa isigungu esiphezulu ukuthi alumise isinqumo sokudlulis­a icala njengoba lwaphumela obala lwathi luzoludlul­isa leli cala.

OlukaMchun­u lona lufuna kube nobumbano ukuze i-ANC ingaphelel­wa ukwethenjw­a futhi ingafi esifundazw­eni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa