Sikhiphe izidumbu isiphepho sacekela phansi nemizi
SIKHIPHE izidumbu isivunguvungu somoya oshiye kukhalwa ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal ngempelasonto. Sekuvele ukuthi kushone ababili.
Umndeni waseSilahla, eRichmond ushonelwe ingane eneminyaka eyisithupha okuthiwa iwelwe uphahla ngesikhathi kuhlasela umoya onamandla, ngoMgqibelo. UPhiwe Madondo obefunda uGrade 1 eBernard Mizeki Primary, kuthiwa waficwa umoya edlala emnyango. UMnuz Nhlakanipho Madondo onguninalume kamufi, uthe wayedlala nomunye umshana wakhe egcekeni.
“Kunendlu engaphandle engaqedwanga ukudilizwa. UPhiwe wabalekela kuyo wacasha kanti kuzodilika udonga nophahla wacindezeleka. Uphuthunyiswe emtholampilo kwatholakala ukuthi useshonile,” echaza.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLieutenantColonel Thulani Zwane uthe kuvulwe idokodo ngokufa kwentombazanyana eRichmond.
Kwesinye isigameko kushone umuntu oyedwa, kuMasipala iKing Cetshwayo ngesikhathi isihlahla siwela ezintanjeni zikagesi.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa nokuBambisana noBuholi boMdabu uNkk Nomusa Dube-Ncube uthe umndeni wakwaZungu ushonelwe ilungu elibanjwe ugesi, elinye laphuthunyiswa esibhedlela, lilimele.
“Ithimba lethu lezinhlekelele liyaxhumana nomndeni ukuwusiza nokuweseka,” kusho ungqongqoshe.
Uthe sebekhiphe isexwayiso emphakathini ngoba kulindeleke ezinye izimvula ezingxenyeni ezithize zesifundazwe.
“Siyanxusa umphakathi ukuthi uqaphele uma kunezexwayiso, ugweme nokuwela amabhuloho amafishane uma lina.”
Isivunguvungu sishiye abanye besele dengwane kuphephuke izindlu, kwalimala nezimoto. UNkk Makhosi Hlela onguSihlalo wesigungu sabazali eNdabomuhle Primary eLindelani, uthe bafike izolo konakele.
Uthe kuphephuke uphahla emakilasini ayisihlanu.
“Sihlukanise izingane sazifaka emakilasini angaphephukanga. Uthishanhloko uhambe wayobika emahhovisi oMnyango wezeMfundo ngoba sishayeke kakhulu,” kusho yena.
Kwesinye isigameko kuphephuke uphahla emakilasini amane nasehostela labafana eMason Lincoln Special School, eMlaza.
UNkk Noma-Arab Mvuyo onguSihlalo wesigungu sabazali, uthe abafundi bafakwe ndawonye emakilasini angathintekanga. Kulesi sikole abafundi bahlala ngaphakathi, sinamakilasi angomahamba nendlwane, ezinye izakhiwo zisengcupheni yokubhidlika. Izolo bekushayelwa uphahla ukuze abafundi babuyele emakilasini. UNksz Ntombifuthi Thuntulwane ohamba ngesihlalo esinamasondo, usale dengwane nabanye abangu-20 abahlala emijondolo eMalandeni, eMlaza ngenxa yalesi simo sezulu.
IMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede ithembise abaphelelwe ugesi ngenxa yomoya ukuthi uzobuya maduze.
Ithe zibalelwa ku-428 izindlu ezibe nomonakalo okubalwa nezabantu abakhubazekile baseMlaza. Uthe bayabasiza abakhahlamezekile.
Abantu abakhahlamezekile bayanxuswa ukuthi baxhumane nophiko lwezinhlekelele kumasipala ku-031 361 00 00.