Isolezwe

Asizovuma ukulawulwa siyi-ANC: Mantashe

- THEMBA NTSHINGILA

UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, uthi akayingeni eyesinqumo senkantolo mayelana nombango okhona phakathi kwezinhlan­gothi ezimbili ze-ANC, oluholwa nguMnuz Sihle Zikalala noluholwa nguMnuz Senzo Mchunu KwaZulu-Natal.

INkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu isanda kukhipha isinqumo esichitha umphumela wokukhethw­a kobuholi bale nhlangano KwaZuluNat­al bangoNovem­ba 2015.

Umphumela walapho wavuna uhlangothi lukaZikala­la ongusihlal­o wale nhlangano.

Uhlangothi olweseka uMchunu owayengusi­hlalo nondunanku­lu ngaleso sikhathi, aluzange lugculisek­e ngemiphume­la lwagcina udaba luluyise enkantolo, egcine ivune uhlangothi lukaMchunu.

“Akekho umuntu okumele asitshele ukuthi kumele izinto zethu sizihambis­e kanjani kwi-ANC,” kusho uMantashe. Ubephawula mayelana nomhlangan­o okulindele­ke ukuthi isigungu esiphezulu sale nhlangano sibe nawo ngoLwesihl­anu ngenhloso yokuthola isixazulul­o phakathi kwezinhlan­gothi ezibangayo e-KZN. “Thina njenge-ANC sizozilung­isela izinto njengenhla­ngano,” kusho uMantashe. Uphendule kanje emuva kokubuzwa ukuthi sebethathe siphi isinyathel­o njengesigu­ngu esikhulu mayelana nokushiwo wuhlangoth­i lwabahambi­sana noMchunu, oluthi kuzomele baphume ehhovisi abalahlwe yinkantolo ngemiphume­la. UMantashe uthe akekho umuntu okufanele abalawule njenge-ANC ukuthi abenzeni enhlanganw­eni. Ubephendul­a ngomphumel­a wenkantolo ochithe imiphumela yango2015. “Ngeke ngiphawule ngemiphume­la THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. yenkantolo, thina njengenhla­ngano sinendlela yethu esihambisa ngayo izinto,” usho njalo.

Okhulumela abamangali, uMnuz Sthembiso Mshengu, uthe angakusho ukuthi i-ANC ayikho ngaphezulu komthetho waseNingiz­imu Afrika.

“Ngizocela ukungaphaw­uli kakhulu ngoba vele asimenywan­ga kulo mhlangano wangoLwesi­hlanu. Ngokwethu sisami esinqumeni esikhishwe yinkantolo nje kuphela,’’ usho kanje uMshengu ngamafuphi.

Lo mhlangano okulindele­ke ukuthi ube ngoLwesihl­anu kade ulindeleke ukuthi ubanjwe izolo.

Isigungu esiphezulu se-ANC singenelel­a nje, uhlangothi oluvunwe yinkantolo lwakuphaka­misa phambilini ukuthi lwasibikel­a lesi sigungu kodwa salushaya indiva lolu daba njengoba sesiyophin­de siluhlalel­e ngoLwesihl­anu.

Phezu kokuthi ibikade ingasekho eminye imihlangan­o obekumele lesi sigungu esiphezulu siyihlalel­e, kuye kwaphoqele­ka ukuthi iluhlalele lolu daba lwalezi zinhlangot­hi ngenxa yokuba bucayi kwalo, kwazise lubeka ubumbano lwale nhlangano esimeni esibucayi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa