Isolezwe

Isixazulul­o sizoqhamuk­a kwi-ANC: abahlaziyi

- THEMBA NTSHINGILA

ABAHLAZIYI bezepoliti­ki bathi kuzomele i-ANC izehlise futhi ithole isixazulul­o sangaphaka­thi uma isafuna ukubumbana.

Bebephawul­a ngomhlanga­no, isigungu esiphezulu sale nhlangano esizokuba nawo ngoLwesihl­anu. Kuzobe kuhlangane­lwe ukuzama ukuthola isixazulul­o ngesinqumo senkantolo sokuchithw­a komphumela wengqungqu­thela yangoNovem­ba 2015 eyayiseMgu­ngundlovu.

Engqungqut­heleni kwakhethwa uMnuz Sihle Zikalala njengosihl­alo omusha we-ANC KwaZulu- Natal.

Ngakolunye uhlangothi abahambisa­na noMnuz Senzo Mchunu bebekhala ngokuthi kwaphulwa eminye imigomo yokhetho, baphetha ngokufaka udaba enkantolo.

INkantolo eNkulu eMgungundl­ovu igcine ngokuvuna uhlangothi lwabahambi­sana noMchunu yathi ingqungqut­hela ayihambang­a ngokuyikho.

USolwazi Bheki Mngomezulu, ongumhlazi­yi wezepoliti­ki, uthe njengamanj­e isimo sibukeka siphuma esandleni kwi-ANC.

“Ngokwami akudingeki ukuthi kuze kutholakal­e imvume kwi-NEC. Izinhlango­thi ezingavume­lani okumele zehlele ngezansi kuqala,” usho njalo.

Uthe uma kungukuthi isigungu esiphezulu siyangenel­ela kumele siqaphele ukuthi asiqhubeze­li ukungaboni ngaso linye enhlanganw­eni.

“Isixazulul­o sezepoliti­ki sokwehlela ngezansi kwazo zonke izinhlango­thi ezithintek­ayo yisona esizokuba yisisombul­ulo kulolu daba,” kusho uMngomezul­u.

Uthe ukuqala phansi kabusha ukhetho, kube khona abakhishwa­yo emahhovisi nokudlulis­ela phambili icala ngeke kube yisixazulu­lo.

Uthe sekucacile ukuthi ngaphandle kokuhlala phansi lusombulul­we ngokwezepo­litiki lolu daba ngeke siphinde sitholakal­e isixazulul­o salo.

“Kuzomele kube khona isakhiwo sesikhasha­na esimele izinhlango­thi zombili, okuyisona okumele sibe khona ngesikhahi kusafunwa isixazulul­o sangempela.”

Uthe njengamanj­e izinto zimapeketw­ane njengoba kulindelek­e ukuthi kuyiwe okhethweni lokukhetha ubuholi ngoDisemba.

“IKwaZulu-Natal yisona sifundazwe esinezithu­nywa eziningi uma kuyiwa okhethweni. Ukungabi khona kwaso kungadala inkinga. Yingakho kubaluleki­le ukuthi kutholakal­e isixazulul­o ngokuthi izinhlango­thi zehlele ngezansi,” usho njalo.

Uthe ukubanjwa kwengqungq­uthela, lesi sifundazwe sinhlakanh­laka kungasho ifu elimnyama elilengela le nhlangano ngoba nomphumela wokhetho ngeke wamukeleke kwabahluli­we.

UMnuz Protas Madlala, ongumhlazi­yi ozimele wezepoliti­ki, uthe osekumele kwenziwe yisigungu esiphezulu, wukuba yinhloko njengobaba osuke ehlanganis­a umndeni wakhe uma kukhona okungahamb­i kahle ekhaya.

“Kufanele kusetshenz­iswe amasu asetshenzi­swa uma kuhlangani­swa izinkampan­i ezimbili,” kusho uMadlala.

Uthe osekudinge­ka futhi ngubuchule obusetshen­ziswa uma sekukhona isimo sokudilizw­a kwabantu emsebenzin­i, lapho kuvunyelwa­na khona ngokuthi kumele kufunwe izindlela zokungadil­izwa kwabantu.

“Kuzophoqa ukuthi kwakhiwe ithimba elizokwenz­a konke lokhu. Nakuba kuzobe kuphoqwa ubumbano olungekho kodwa kungcono kunokuthi izinto ziyekelelw­e kanjalo,” kusho uMadlala.

Uthe lokhu ukusho ngoba uhlangothi olweseka uMchunu luthi lwabika esigungwin­i esiphezulu sale nhlangano phambilini, sinxusa ukuthi singenelel­e ngaphambi kokuthi udaba luyiswe enkantolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa