Isolezwe

I-KPMG izalelwe yinja endlini ngombiko wayo

- SIYABONGA MKHWANAZI

INKAMPANI yabacwanin­gi mabhuku, iKPMG, ibizwe yikomidi lasePhalam­ende elibhekele­le izimali zomphakath­i, iScopa, ukuthi ivele phambi kwalo mayelana nombiko wayo owaziwa ngeSars Rogue Unit.

I-KPMG ibe nengcindez­i evela kwiScopa ne-ANC ePhalamend­e selokhu yathatha isinqumo sokuhoxisa umbiko weSars Rogue Unit nokuxosha izikhulu zayo eziyisikho­mbisa.

USihlalo weScopa, uMnuz Themba Godi, uthe akukapheli ngodaba lakwaKPMG ngoba basafuna ezinye izimpendul­o. Uthe uma le nkampani isafuna ukwenza ibhizinisi nohulumeni nezinkampa­ni zikahulume­ni kumele ikusho konke ngamahlazo ayo.

IKPMG isolwa ngokuthi yashintsha izindleko zomshado wakwaGupta owawuseSun City ngo-2013 yazenza izindleko zebhizinis­i.

Ibhodi elizimele labacwanin­gi mabhuku seliqalile ukuphenya iKPMG ngodaba lwe-akhawunti yakwaLinkw­ay Trading. Uphenyo luqale ngoJuni ngesikhath­i kuqala izinkulumo ngalolu daba kanti ngempelaso­nto liveze ukuthi uphenyo lwayo alukaphoth­ulwa.

Uphenyo lumayelana nemali eyathathwa epulazini eVrede, eFree State, ukuze ikhokhele umshado wakwaGupta.

Izinhlanga­no eziphikisa­yo zifuna izimpendul­o ngokuthath­wa kuka-R30 million eVrede. Sezivulele umndeni wakwaGupta amacala.

UGodi uthe ufuna abakwaKPMG beze ephalamend­e bazoziphen­dulela.

“I-Scopa sifuna ukuba bazochaza ngendlela abenze ngayo.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa