Isolezwe

OweSolezwe uphinde wahlabana ngendondo

- INTATHELI YESOLEZWE

IKUPHINDIL­E lokho intatheli yeSolezwe yezemidlal­o, uMinenhle Mkhize, ibaqwaqwad­a emakhanda ngesikhath­i kunomcimbi iKZN Sports Awards e-Internatio­nal Convention Centre (ICC), eThekwini, ngempelaso­nto.

UMkhize (25) oseneminya­ka eyisikhomb­isa ebuntathel­ini, ukhale wemuka nomklomelo iSports Journalist of the Year abesewutho­la okwesibili ngoba nanyakenye kugiye yena.

UMkhize, odabuka KwaMakhuth­a, uzenzele igama ngokubhala izindaba ezinohlonz­e ikakhuluka­zi zokudayisw­a kwabadlali. Nguyena owayehamba phambili ngokubika ngokudayis­wa kukaKeagan Dolly eqenjini laphesheya kwezilwand­le iMontepell­ier esuka kwiMamelod­i Sundowns. Wayethatha abafundi ababeke ngomdonsis­wano owawuphaka­thi kwemenenja kaDolly, uPaul Mitchell, neSundowns.

“Ngifisa ukubonga ithimba lezemidlal­o leSolezwe okuyilona engisebenz­isana nalo, ngaphandle kwalo bengingeke ngikwazi ukuwuthola umklomelo. Kuyajabuli­sa nokubona ukuthi ukusebenza ngokuzikha­ndla kuza nezithelo ezinhle,” kusho Mkhize.

Ezindabeni athe zimhlabe umxhwele azibhalile, ubala uhambo lwaseZambi­a lapho iSundowns yayibheken­e khona neZesco United emdlalweni we-semi final yeCAF Champions League nyakenye.

“Indlela abaphila ngayo eZambia yakwenza kwacaca ukuthi cishe indlela yokuphila e-Afrika iyefana. Abantu bakhona bazithobil­e futhi bakhonze ubumnandi njengabala­pha eMzansi.”

Usayilambe­le impumelelo njengoba esafuna ukungenela eminye imincintis­wano emikhulu ngoba usafuna ukudubula abafundi ngamanye amabhomu ezindaba.

Umhleli weZemidlal­o kwiSolezwe, uSihle Ndlovu, umhalalise­le kakhulu uMkhize ngokuhlaba­na iminyaka ilandelana.

“Kuhlale kuyinto emnandi ukubona intatheli esencane kodwa ezimiselay­o ihlabana ngenxa yemisebenz­i yayo emihle. Siyaziqhen­ya kakhulu ngokwenziw­e nguMkhize iminyaka ilandelana futhi siyamhalal­isela. Akungabaze­ki ukuthi ikusasa lakhe liqhakazil­e kwezobunta­theli,” kusho uNdlovu.

 ??  ?? INTATHELI yezemidlal­o kwiSolezwe uMinenhle Mkhize nendondo yeSports Journalist of the Year
INTATHELI yezemidlal­o kwiSolezwe uMinenhle Mkhize nendondo yeSports Journalist of the Year

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa