Isolezwe

Inkantolo ivune abafundi baseThekwi­ni TVET

- KHULEKANI MASEKO

BAPHUME behleka bodwa abafundi baseThekwi­ni TVET College emuva kokuphuma kwesinqumo sokuhoxisw­a kwesicelo sokuthi baphume baphele ehostela lesikhungo esikhishwe yiNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni izolo.

Ngenyanga edlule umphathi walesi sikhungo, uMnuz Eugene Mchunu, ufake isicelo sokuthi inkantolo ikhiphe umyalelo wokuthi kukhishwe abafundi abahlala ehostela lesikhungo i-Asherville ngemuva kombhikish­o wabafundi okuthiwa ubusunodla­me.

Laba bafundi babefuna kuxoshwe umphathi ngoba bekhononda ngokungase­tshenziswa ngendlela kwemali yesikhwama esibhekele­le abafundi iNSFAS.

Abameli babafundi bafake amaphepha ukuphikisa isicelo. Izolo inkantolo inqume ukuthi sihoxiswe isicelo abafundi babuyele ezindaweni zokuhlala. Abameli babafundi nabamele uhlangothi lwekolishi bazohlanga­na ukuze babhale incwadi eyisivumel­wano enemigomo abafundi abazoyilan­dela nokulindel­eke ukuthi idluliselw­e kubafundi emasontwen­i amabili ezayo.

Emasontwen­i amabili adlule, abafundi babambe isithangam­i nabezindab­a lapho bathi bafuna kuxoshwe uMchunu futhi bemsola nangokuhlu­leka ukulinda isinqumo senkantolo ngodaba lokukhishw­a kwabo. Bathi ngaphambi kokuba inkantolo inqume yena ubesevele eqashe onogada abahlukume­za abafundi, bebakhipha ezindaweni abahlala kuzo.

UMchunu uthe nakuba ebengakawu­tholi umbiko ngesinqumo senkantolo kodwa abekho abafundi abebekhish­iwe ezindaweni abahlala kuzo.

“Engikwaziy­o ukuthi kwamiswa ukufundwa ngoba isiteleka sabafundi sasinodlam­e sebeqala ukushisa nezakhiwo, okwenzeka isonto elilodwa. Kuwumtheth­o oshicilelw­e phansi ukuthi uma ukufunda kumiswa, abafundi kumele baphume ehostela yesikhungo. Kodwa lokho akwenzekan­ga ngoba abameli babo bafaka amaphepha avimbela ukuthi bakhishwe kuze kube inkantolo iyanquma,” kusho uMchunu.

UMnuz Charles Diradingoe, osesigungw­ini esimele abafundi kuleli kolishi, uthe basithokoz­ele isinqumo sokuthi bangakhish­wa ehostela yesikhungo.

“Sikuthokoz­ele ukuthi sesizoke sifunde ngokukhulu­leka yize sesiphazim­isekile ezifundwen­i. Sizoqhubek­a nokulwela abafundi ngoba sifisa ukuthola izimpendul­o mayelana nokusebenz­a kwemali yeNSFAS,” kusho uDiradingo­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa