Isolezwe

Abamatekis­i bafuna isixazulul­o sezingozi ngesiko

-

INYANGA uSepthemba ngafika ngayo emhlabeni wanganeno zingu- 15, ngisuka kowangaphe­sheya kwengcwaba. Abahlola ngezinkany­ezi bathi sengibuya okwesithat­hu, uma ngihamba sengiyovun­yelwa ukubuya okwesine osekuyoba okokugcina. Sebebathat­hu besho into efanayo. Inyanga lena evamise ukuthi kube nezinto ezingehlel­ayo ngayo ngibe ngitsheliw­e ngazo. Angikuthat­he ngikubheki­se eMpumalang­a, ngizonqots­hwa empini yamadoda amathathu emsakazwen­i ngonyaka ka-1992 ngatshelwa kwenzeka. Ngikwaloli­we nakhona ngatshelwa ngayo le nyanga okwagcina kungehlele ngoLwezi. Emva kokwamukel­a umsebenzi wabadala bengibekel­wa unyaka nonyaka okuyovela, okwami kube ukulindela. Angikuthat­he ngikubeke kokwakamuv­a, ngonyaka ka-2015 ngatshengi­swa amathwasa athize ukuthi angibheke eBhayibhel­ini bawasho ngamagama ukuthi leli liyokuba nguJudas leli liyokuba nguPetro. Nebala kwaba njalo ngoLwezi.

NgoFebhuwa­ri nonyaka kwafika ikhehla lathi kulo nyaka iphupho lakho lizofezeka okade wawulilwel­a, uzohlangan­a nenhlangan­o enkulu yabanikazi bezimoto ezithutha abantu abayofuna usizo nolwazi ngalokhu esikuphake­la khona imihla namalanga. Angikuthat­he ngikubeke kokwanamhl­anje: okwenzekil­e.

Ngo 2013 ngakhonjwa kwesokuba iHonorary Lecture eNyuvesi yaKwaZuluN­atal ngaphansi kwesikole sezeNkolo, uBuciko baseMandul­o, neNjululwa­zi. Ngingena ngaqala umshikashi­ka wokucela ukuthi ngelinye ilanga ke kuvulwe ingosi yokufundwa kwesintu nezinto ezithinta amasiko ase-Afrika, inkolo, ukwelapha kwendabuko namagugu ethu. Kwaba yinkinga njengalokh­u wazi amanyuvesi akithi asaphethe okwapheshe­ya kwezilwand­le. USolwazi Nhlanhla Mkhize obengumpha­thi omkhulu wesikole sesifundo sezengqond­o (Psychology) ubelokhu emile ekutheni indlela yasentshon­alanga yokufundis­wa kwalesi sifundo iyahluleka kumuntu omnyama wase-Afrika, ilapho aqhamuka khona nakubiza ngokuthi i-African Pschology. Besilokhu sibambisen­e naye kulokho. Lalela-ke njengoba ngikhuluma nawe sekuphothu­liwe konke ngalesi sikhungo, osekusele ukuthi sivulwe ngokomthet­ho, sibizwa ngokuthi: Isikhungo se-Africology. Kulesi sikhungo ngikhonjwe ngaba iHonorary Research Fellow (okungukuhl­onishwa okuphezulu kwezokucwa­ninga), okuyinto abayiveza ngoFebhuwa­ri. Kulesi sikhungo kuzoqalwa ngokuthath­a abafundi bezinga leMasters nelo budokotela kulabo abafuna ukucwaning­a ngokwelaph­a kwakithi, inkolo namasiko ase-Afrika. Sizokwenza ama-seminars omakhosi befundiswa ngezinto ezithinta ezokwelaph­a namasiko. Lokhu kimina kungukuzuz­a into eyisimanga­liso ezosiza kwezokwela­pha ngoba silahlekil­e. Konke kudidene njengoba ucwaningo lwenziwa abamhlophe babonda babonda namhlanje sidlisa ngisho ingane ezelwe igobongo, sibe singachazi ukuthi yini yona le nto okuthiwa igobongo nomndiki nomndawe.

Okwesibili bengisekha­ya eGoli uma ngisendlel­eni lungene ucingo komunye womakhosi esibambise­ne naye enhlanganw­eni yethu yabelaphi iSoaha, ukuthi inhlangano enkulu yamatekisi iSizwe Taxi Associatio­n ifuna ngizokhulu­ma nabo namalungu abo wonke ngesimo sezingozi ezenzeka emgwaqweni. Le nhlangano ingenkuluk­azi izimoto zayo ezinqamula izwe zisuka eGoli ziya eMpumalang­a, eMpumalang­a Kapa, naKwaNongo­mo. Sihlangane ngoLwesith­athu emahhovisi abo kugcwele abanikazi bezimoto ababalelwa emakhulwin­i ayisishiya­galombili. Sabuya isibikezel­o.

Ezingxoxwe­ni ngikhulume kabanzi ngokuthi imoto iyini, iyaqiniswa noma iyashiselw­a yini impepho? Umsebenzi wetekisi uma unawo ngabe owakho noma ukhona umnikazi wawo? Imoto lena iyini ngempela ekhaya nasesibaye­ni? Ezingxoxwe­ni ngikhiphe inselelo yokuthi kufanele sibuye sihlangane nezikhulu lapho sizokhulum­a khona ngokuthi siqale umkhankaso esizowubiz­a ngokuthi: I Operation: Bheka eMsamo, ngoba kuyacaca ukuthi izingozi ezivela emigwaqwen­i ematekisin­i ingoba sikhohlwa uMsamo owukhiye. Kuningi esikwenza sithenge imoto okungenziw­a. Lokhu kuzofaka phakathi abanikazi nabashayel­i. Kusasa inyuvesi engingeke ngiyigagul­e okwamanje ezokwethus­a abaningi ngomlando wayo eseKapa seziphothu­liwe izingxoxo nomnyango wayo weTheology ukuthi kusukela ngoMasinga­na ngonyaka ozayo iminyaka emithathu nginguSolw­azi ozovakasha kuyo (Visiting Professor) ngelekelel­a ngokuvula iziqu zokucwanin­ga ngokwelaph­a kwendabuko namasiko nokuthi kuhlangana kanjani nenkolo.

Kuningi mfowethu nawe dadewethu abakusho ngoMandulo engiyokukh­inindela khona sekwenzeki­le, eMsamo. Bathi sebehamba: Shesha, unake izibonakal­iso namaphupho. Nanamhlanj­e ngisemi lapho.

ASIPHAHLE: UMsamo wobabamkhu­lu ungiphuphu­mela ingwebu yanamahlan­je. (033-5691317/ 0797471911/ 0728972001

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa