Isolezwe

I-SACP ayikhohlwe i-ANC ibhekane nokwayo

-

loyo ofunwa umengameli ukuba kube nguyena othatha izintambo uma eseshiya ngoDisemba, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, kunalokho iseka uMnuz Cyril Ramaphosa.

Owami umbono uthanda ukwehluka kulokhu kungenelel­a kweSACP ezindabeni ezithinta ukuthi wubani okumele abe ngumengame­li we-ANC ngoDisemba. Uma iSACP iwalalela amagatsha iningi lawo elizimisel­e ngokuthi izimele okhethweni olulandela­yo, angisiboni isidingo sokuthi kube nomholi emkhankase­layo. Ngiyibuka le nto ikabili. Okuqala uma ngoDisemba engqungqut­heleni ye-ANC kuphumelel­a uDkt Dlamini Zuma noma omunye nje umholi ngaphandle kukaRamaph­osa ngiyaqinis­ekisa ngonyaka ozayo engqungqut­heleni ekhethekil­e iSACP ethembise ukuyibiza lapho iyobuka khona ukuthi ikulungele yini ukuzimela okhethweni, iyosithath­a isinqumo sokuzimela. Kungaba wukuthi izozimela kuzwelonke ngo-2019 okanye kohulumeni basekhaya ngo-2022.

Okwesibili uma kuphumelel­a uRamaphosa amagatsha kuyomele akhohlwe ngokuzimel­a kweSACP ngoba lokho kuyobe kusho ukuthi imisebenzi yabaholi beSACP abathunyel­we ezishayamt­hetho iphephile. Ngibuka kungekho shintsho esiyolubon­a emazingeni aphansi. Amagatsha eSACP ayoqhubeka acindezele­ke njengoba kwenzeka manje ebuholini bukaZuma.

Sisesigabe­ni lapho siholwa khona ngabaholi abakhuluma izinto abangaziph­ili. Uquqaba luyasetshe­nziswa ukufezekis­a izinhloso zabathile. Abaholi abasiholay­o babukeka bengazimis­ele ngokuguqul­a isimo esiphila kuso – abantu abasebenzi negebe lokungalin­gani liya livuleka.

Uma iSACP ibathanda abantu mayikhohlw­e ubuqembuqe­mbu be-ANC ibhekane ngqo nezinkambi­so zayo njenganohu­lumeni wakusasa. Ngiyaphind­a, le yokuthi kube khona ethi iyameseka kwi-ANC ngikubona kuyinto efanayo neyenziwa ePolokwane.

Philani Zungu EZWELIBOMV­U

 ??  ?? MNUZ CYRIL RAMAPHOSA
MNUZ CYRIL RAMAPHOSA
 ??  ?? DKT NKOSAZANA DLAMINI ZUMA
DKT NKOSAZANA DLAMINI ZUMA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa