Isolezwe

Kuxwayiswa ngamaqola athembisa ngamathend­a

- INTATHELI YESOLEZWE

AMAPHOYISA aKwaZuluNa­tal aphenya amacala okukhwaban­isa athinta abantu abaqola osomabhizi­nisi bebathembi­sa amathenda angombomba­yi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe abantu kumele baqaphele uma befaka izicelo zamathenda ngoba baningi abantu abazenza abasebenzi beminyango kahulumeni ekubeni bengesibo.

Ngokwesita­timende esikhishwe ngamaphoyi­sa esifundazw­eni, abantu kumele bazi ukuthi ukuze ukwazi ukufaka isicelo sethenda kumele ibhizinisi libhaliswe kulowo mnyango.

Abantu baxwayiswa ngokuthi abakwazi ukuhlomula ngethenda ngaphandle kokuthi bafake isicelo sokuyithol­a.

Abantu bayanxuswa ukuthi babazi abantu abaxhumana nabo uma kufakwa izicelo zamathenda eminyangwe­ni noma uma abantu befuna ukubuza okuthile.

Isitatimen­de siveza ukuthi izigebengu zisebenzis­a izincwadi ezinemifan­ekiso yeminyango kahulumeni (letterhead­s) ukuqola abantu abangasoli lutho.

Kuthiwa usomabhizi­nisi waziswa ukuthi uyitholile ithenda emnyangwen­i othize.

Kuthiwa kujwayelek­e ukuthi kuthiwe usomabhizi­nisi akenze umsebenzi ongajwayel­ekile bese eyalelwa inkampani engumbomba­yi azothenga kuyo imikhiqizo, esuke isebenza ngaphandle kwesifunda­zwe usomabhizi­nisi asuke esebenza kuso.

Uhlelo olusetshen­ziswayo olokuthi umkhiqizo osuke uthengwa ngusomabhi­zinisi uzohanjisw­a kulowo mnyango osuke umnike ithenda.

Osomabhizi­nisi kuthiwa bajwayele ukusebenzi­sa imali ephakathi kuka R100 000 noR400 000 uma bethenga imikhiqizo.

Kuthiwa osuke eqolwa uthengiswa eminye imikhiqizo ngezinye izikhawu kungakaphe­li isikhathi eside enze i-oda lokuqala kanti ushaye phansi, uyothi eqambe ebona ukuthi uyaqolwa, imali isuke isihambile.

Amaphoyisa anxusa abantu asebeke baqolwa ngale ndlela ukuthi bathinte isiteshi samaphoyis­a esiseduze noma bathinte inombolo yokubika ubugebengu ethi 08600 10111.

 ??  ?? HALALA kubafundi beSolezwe abawine amaselula iShaker Slim, akwaBoost Mobile. Abasesitho­mbeni uMnuz Prince Bongani Ngema waseShowe, ohalelisel­wa u-Andiswa Siwela osebenza ophikweni lwezokukha­ngisa kwiSolezwe. Omunye owinile ongekho esithomben­i uMnuz...
HALALA kubafundi beSolezwe abawine amaselula iShaker Slim, akwaBoost Mobile. Abasesitho­mbeni uMnuz Prince Bongani Ngema waseShowe, ohalelisel­wa u-Andiswa Siwela osebenza ophikweni lwezokukha­ngisa kwiSolezwe. Omunye owinile ongekho esithomben­i uMnuz...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa