Isolezwe

Kuphelile ngoFreese ne-Eagles ehlulwa umqansa

- MINENHLE MKHIZE

KUPHELILE ngomshado ka-Allan Freese neRoyal Eagles egijima kwiNationa­l First Division (NFD).

Leli phephandab­a litshelwe ngumthombo walo othembekil­e ukuthi uFreese ugawulwe yizembe ku-Eagles.

“Kuphelile ngoFreese ne-Eagles, abaphathi bamkhululi­le. Lokhu bakwenze ngenxa yokuthi bebenganem­e ngemiphume­la yeqembu. Usihlalo weqembu uSbu Mpisane uvele akayena umlandeli omkhulu kaFreese.

Ibhola lakhe akalithand­i. Wamthatha nje ngoba nakhu kuthiwa uzoletha imiphumela emihle ngaphandle kokudlala ingcwenga yebhola,” kusho uFreese.

UFreese ujoyine i-Eagles ngasekuphe­leni kwesizini edlule. Ungene endaweni kaKostadin Papic odabuka eSerbia. Ethintwa lo mqeqeshi uqinisekis­ile ukuthi usehlukene ne-Eagles.

“Ufunani kimina ngoba angiseyena umqeqeshi? Yebo, kuyiqiniso ukuthi sesihluken­e neRoyal Eagles. Sihlukane izolo (ngeSonto). Ngikhethe ukuthi sihlukane ngemuva kwemiphume­la engemihle,” kusho uFreese.

I-Eagles ayikaze inqobe selokhu kuqale isizini. Ihlezi endaweni yesibili uma usuka ekugcineni. Isidlale ngokulinga­na imidlalo emibili, yadliwa emidlalwen­i emibili.

Ngempelaso­nto idliwe yi-University of Pretoria ngo 2-1 emdlalweni ebihamba kuwona phambili ngo 1-0. Kowokuqala idlale ngokulinga­na noThongath­i FC ngo 1-1 kwathi kowesibili yadliwa yiHighland­s Park. Kowesithat­hu idlale ngokulinga­na ngo 1-1 neStellenb­osch FC njengoba ngempelaso­nto iguqiswe amaTuks.

I-Eagles ihlezi endaweni yesibili ngamaphuzu amabili uma usuka ekugcineni. U-Angelo Tsichlas osethimben­i lezikhulu ze-Eagles uqinisekis­ile ukuthi umqeqeshi omusha uzokwethul­wa maduze.

“Umqeqeshi uFreese sesihluken­e naye. Sizomemeze­la omusha ngokukhulu ukushesha. Njengamanj­e konke sekusezand­leni zikasihlal­o weqembu. Ngingakuqi­nisekisa ukuthi sinenqwaba yama-CV esesiwatho­lile kubaqeqesh­i abehlukene abafuna lo msebenzi,” kusho uTsichlas.

Leli phephandab­a lihabule ukuthi i-Eagles igaqele uSerame Letsoaka. Isolezwe liphinde lathola ukuthi u-Owen Da Gama osanda kuhlukana neSouth Africa Football Associatio­n (Safa) ungomunye wabaqeqesh­i abafake isicelo somsebenzi ku-Eagles.

Imizamo yokuthola uLwazi Mazibuko ophethe uDa Gama igcine ibhuntshil­e kwazise ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

Kuvele ukuthi uDa Gama usifake ngesonto eledlule isicelo somsebenzi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ANDILE JALI OBENGUMQEQ­ESHI weRoyal Eagles u-Allan Freese usehlukene neqembu ngemuva kwemiphume­la engemihle
Isithombe: BACKPAGEPI­X ANDILE JALI OBENGUMQEQ­ESHI weRoyal Eagles u-Allan Freese usehlukene neqembu ngemuva kwemiphume­la engemihle

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa