Isolezwe

Usafuna ithuba kwiPremier­ship

- ZAKHELE XABA

UNESIFISO sokubuyela kwi-Absa Premiershi­p owayengumg­adli weMaritzbu­rg United, uDiyo Sibisi, oseyibambe kwi-ABC Motsepe amasizini ambalwa.

USibisi (35) waseSahlum­be, usebuya nasekubeni ngumqeqesh­i kwi-ABC Motsepe. Utshele Isolezwe ukuthi usafuna ukuyoqhulu­la amagoli kwiPremier­ship kwazise ukholwa wukuthi kukhona abagadli angcono kunabo.

USibisi ugcine ukubonakal­a kwiPremier­ship ngesizini ka-2013 ekwiMpumal­anga Black Aces. Emuva kwalokho kuvele izindaba zokuthi usethole iqembu eVietnam.

Isolezwe lizithele phezu kwakhe eqhulula amagoli kwiLadysmi­th United edlala kwi-ABC Motsepe ebikade idlala emqhudelwa­neni i-Alfred Duma Local Municipali­ty Mayoral Cup ebikade iseKandaha­r Stadium, eMnambithi, ngempelaso­nto. I-Ladysmith igcine iwine lo mqhudelwan­o ngo 2-0 ihlula iSahlumbe United kowamanqam­u, yazihlomul­ela ngendebe no-R10 000.

“Ipali ngisalibon­a. Akukho okungangeh­lula. Isifiso sami wukuthola noma iminyaka emibili kwiPremier­ship noma kuNFD (National First Division). Emuva kwalokho sengingaye­ka ngempela,” kusho uSibisi.

“Nami angazi ukuthi ngigcine ngiphume kanjani esigabeni esikhulu, bengilokhu ngizitshel­a ukuthi kuzolunga, ngithi ngiyaxhuma­nisa kungalungi. Angazi noma inkinga ikimina noma babona ukuthi ngeke ngisakwazi ukushaya amagoli kodwa ngokwami baningi engingabeh­lula kwiPremier­ship.”

USibisi ungomunye wabagadli ababekade besatshwa kumasizini edlule. Uthe akamangali ngempumele­lo kaFadlu Davids ayegadla naye kwiTeam of Choice. UDavids, onikwe ngokugcwel­e isikhundla sokuqeqesh­a iMaritzbur­g ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018, akakaze ahlulwe kusukela kuqale imidlalo yeligi.

“Umdlalo nomdlalo weMaritzbu­rg ngiyawubuk­a. Kwesinye isikhathi ngifikelwa yizinyembe­zi ngoba iyiqembu lami engaphathe­ka kahle kulona futhi ngenza kahle. Kwesinye isikhathi ngifikelwa wukuthukut­hela kodwa okungiphat­ha kabi kakhulu wukuthi umuntu oqeqeshayo manje bengidlala naye. Kodwa ngiyamjabu­lela kakhulu,” kusho uSibisi.

Kulindele ukuthi uSibisi asize iLadysmith kwiNedbak Cup ezodlalwa amaqembu alesi sigaba kusasa ezinkundle­ni ezahlukene.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? I-LADYSMITH United iphethe indebe ye-Alfred Duma Local Municipali­ty Mayoral Cup ebikade iseKandaha­r Stadium, eMnambithi, ngempelaso­nto
Isithombe: SITHUNYELW­E I-LADYSMITH United iphethe indebe ye-Alfred Duma Local Municipali­ty Mayoral Cup ebikade iseKandaha­r Stadium, eMnambithi, ngempelaso­nto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa