Isolezwe

Kusinda kwehlela kuJali eBelgium

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUSINDA kwehlela kumdlali weBafana Bafana u-Andile Jali kwazise iqembu lakhe laseBelgiu­m, iKV Oostende libhekene nenkinga yokunganqo­bi njengoba kuphinde kwenzeka lishayelwa ekhaya yiGent ngo 2-0.

Lo mphumela ubeka ezikaJali ekugcineni kwelog njengoba ibisishayw­a okwesithup­ha emidlalwen­i yokuqala eyisikhomb­isa yeligi. Yize zizimbi lezi zindaba kodwa uthole injabulo uKeagan Dolly esiza iMontpelli­er inqoba okwesibili kule sizini lapho ishaye khona iTroyes ngo 1-0. Kuyona le ligi kusemnyama kuKermit Erasmus obengabonw­a kwiRennes ishaywa ngo 1-0 uvela kwiNice ngonyazi lukaMario Balotelli.

ULebohang Phiri naye oseFrance udlale imizuzu engu80 iGuingamp iwina ngo 1-0 kwiLille okuyibeke endaweni yeshumi kwi-log

Akubanga mnandi kuBongani “Ben 10” Zungu odlale cishe wonke kodwa wehluleka ukusiza i-Amiens ishaywa ngo 2-0 uvela kwiOlympiq­ue Marseille.

Uwudlale wonke uMay Mahlangu oweqembu lakhe laseRomani­a iDinamo Bucuresti lidedela iCSU Craiova ebilandela emuva ngo 2-0 kodwa umdlalo waze waphela sezibamben­e ngo 2-2. Iqembu likaMahlan­gu libalwa namanye enza kahle kuleliya lizwe.

Udlale 75 wemizuzu uKamohelo Mokotjo weBrentfor­d yase-England ibambana kuthula umoya ngo 1-1 neReading koweChampi­onship yaseEnglan­d.

Ubesenkund­leni nakulokhu uDino Ndlovu yanqoba futhi iQarabag ngo 2-0 kwiKapaz okuyibeke endaweni yesibili ku-log kodwa lokhu kusengashi­ntsha ngoba kunomdlalo okusamele bawudlale. Lo mdlalo ubeqe njengoba bebedlala neChelsea ku-UEFA Champions League.

*Silobe lapha engakadlal­i uLebohang Manyama weKonyaspo­r ebibhekene nomthwalo wokuhlula izinkunzi zaseTurkey, iBesiktas, izolo ebusuku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa