Isolezwe

Akananking­a ekana nezikaBenn­i

-

sokuphumul­a akusho ukuthi iyona ezonqoba.

“Ibhola ngeke uliqagule. Ukukhuluma ngokuthi iCape Town City iyona ephumulile akusho lutho. Okwethu ukuphumula kahle kufike umdlalo sesiwulung­ele. Ngiyazi banethuba lokuthi ibona abasesimen­i esingcono kodwa umsebenzi womqeqeshi ukuthi alungisele­le iqembu lakhe. Sizobe sidlala neqembu eliqinile okusho ukuthi kuzomele sinyuse amasokisi ukuze sibe nomdlalo omuhle,” kusho Micho.

Ngesizini edlule imidlalo yeligi phakathi kwePirates neCity yaphela babelene ngamaphuzu. Umlenze waseKapa waphela ngo 2-2 kwathi e-Orlando Stadium kwaba ngu 0-0.

Lo mqeqeshi uthe wethemba ukuthi uMpho Makola ongazange adlale kwi-United ngenxa yokuxinwa isisu, uzobe esekulunge­le ukudlala.

UMicho uqhubekile nokuvuna isinqumo sakhe sokubophel­a ukaputeni uThabo Matlaba maphakathi nenkundla esiswini. Uthe lokhu ukwenza ngoba efuna ukuvikela udonga kwazise iqembu belinenkin­ga yokungenel­wa amagoli ngesizini edlule.

“Ngesizini edlule isisu besivuleke kakhulu yingakho sangenelwa amagoli angu-40 ngakho kudingeke ukuthi ngihlele kabusha. Ukuba khona kukaMatlab­a kusho ukuthi uma ngidlalisa uMusa Nyatama noMpho Makola, omunye udlalela emuva omunye aye phambili lokhu kudinga umuntu ozovala leso sikhala. UMatlaba usenza umsebenzi oncomekayo. Akekho umqeqeshi ongamdingi umdlali okwazi ukudlala ezindaweni ezahlukene,” kusho Sredojevic. Emidlalwen­i emine iPirates isangenelw­e igoli elilodwa yashaya amathathu.

 ??  ?? SANDILE ZUKE
SANDILE ZUKE
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMILUTIN Sredojevic oqeqesha i-Orlando Pirates uthe akubahluph­i ukuthi bazodlala neCape Town City ebiphumule ngempelaso­nto emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, namuhla ngo7.30 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMILUTIN Sredojevic oqeqesha i-Orlando Pirates uthe akubahluph­i ukuthi bazodlala neCape Town City ebiphumule ngempelaso­nto emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, namuhla ngo7.30 ebusuku
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa