Isolezwe

IBasetsana iyiqale kahle eyoMhlaba

- LUNGILE MAJOKA

kakhulu. Sibhekene nomqeqeshi oseqophelw­eni eliphezulu. IWits ingompetha be-Absa Premiershi­p. Siyiqembu elincane elisanda kunyukela esigabeni esikhulu kodwa kumele siziveze ukuthi sikufanele ukudlala kulesi sigaba namanye amaqembu angu-15,” kusho uJohnson.

IWits abazodlala nayo akuyihambe­li kahle kwazise ayikaze inqobe selokhu kuqale isizini. Ngempelaso­nto iWits idlale ngokulinga­na ngo 1-1 neKaizer Chiefs eFNB Stadium, eGoli.

“Angizange ngibe yingxenye yamalungis­elelo esizini. Kunzima ukudlala imidlalo njalo ngemuva kwamahora angu-48. Abadlali nabo bangabantu. Ngicabanga ukuthi okuholele ekutheni sidedele inqwaba yamagoli yingoba sisuke savula kakhulu emuva sijahe ukuthola igoli lokulingan­isa,” kusho uJohnson. IQEMBU lesizwe likanobhut­shuzwayo lamantomba­zane aneminyaka engaphansi kwewu-20 liwuqale kahle umkhankaso walo wokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba ezoba ngo-2018.

IBasetsana eqeqeshwa nguMaud Khumalo ivulele isibhaxu sika 5-0 kwiNamibia emlenzeni wokuqala ngempelaso­nto eDobsonvil­le Stadium.

Umlenze wesibili usekuhambe­ni ngo-Okthoba 1.

Amagoli avalelwe phakathi nguLinda Matlhalo oshaye amabili, uLelona Daweti, Lindokuhle Mbatha noGabriela Salgado.

UKhumalo ekhuluma kwiSafa. net uthe: “Ngijabule ngokuthi amantombaz­ane ashaye amagoli. Lokho kuyakhutha­za kodwa futhi siyazi ukuthi umsebenzi awukapheli.”

Uthe ulindele ukuthi iqembu lakhe liqhubeke nokuzimise­la nasekuhamb­eni.

“Ngihlezi ngigcizele­la ukuthi akukhathal­ekile ukuthi sidlala neqembu elintekent­eke kodwa kumele sibambelel­e kulokhu esikutshel­iwe ukuze sibone lapho esiqine ngakhona namaphutha okusamele siwalungis­e,” kusho uKhumalo.

Uma iBasetsana idlula lapha izobhekana neBurundi esigabeni esilandela­yo sokuhlunga ngoNovemba.

Imidlalo elandelayo iyoba ngoJanuwar­i lapho iBasetsane kungenzeka iqhuthane neNigeria noma iMorocco uma idlulele phambili. Mabili amaqembu ase-Afrika azogcina engene kweyoMhlab­a ezoba seFrance.

Ngo-2015 iBasetsana yavinjwa yiNigeria esigabeni sokugcina ukuthi iye kwiNdebe yoMhlaba eyayisePap­ua New Guinea ngo2016. I-Afrika yagcina imelwe yiNigeria neGhana.

Khonamanja­lo iqembu elidala iBanyana Banyana lizobhekan­a neZambia kuma-semi final eCosafa Cup eseZimbabw­e. Umdlalo ungoLwesin­e ngo-1 emini.

IBanyana elwela ukunqoba lo mqhudelwan­o eyawugcina ngo2008, iqede iqhwakele eqoqweni layo ngemuva kokubamban­a ngo 1-1 neBotswana ngempelaso­nto.

 ??  ?? HNSON
HNSON

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa