Isolezwe

Kuyingozi ukuzaca nokungalal­i kungazeki isizathu sakho

-

ubuthongo walala. Namanje usalokhu ebabaze njalo! Ngiye ngimphendu­le njalo ngokuthi akukho simanga esasenza, ngaphandle kokuthi safuna sayithola imbangela yokungalal­i kwakhe, sase selapha lowo msuka. Kuphela!

Ukuzibona uzaca khona, kunezimban­gela eziningi. Abaningi abaphethwe isifo esibangela lokhu, bakhala ngokuthi basuke bazibone sekwenzeka ushintsho olusheshay­o nolubonaka­layo kubantu.

Izimbangel­a zalokhu kuncipha ziningi kakhulu. Eziphuma eqhulwini nje: Isifo iTB Igciwane lengculazi Umdlavuza onhlobonhl­obo Ingcindezi ebuchoshen­i Osebenzisa imishanguz­o ezacisayo ungaqondi.

Ukuphundul­eka kokumuncwa kokudla emathunjin­i okuya esigayweni esisesibin­dini

Esikhuluma ngakho namhlanje ukuzibona wonda, uzaca ekubeni lezi zifo ezibhalwe ngenhla sewuzihlol­ele, kwangathol­akala lutho. Kufanele lapho wenze okuthile ufune lo mhlola. Kulesi sifo esikhuluma ngaso namhlanje sibangwa ukuphundul­eka ukusebenza kwendlala ethile emzimbeni. Ivele idlondloba­le ifuthelane ezinhlango­thini zombili zayo ikhiphe imikhiqizo yayo ngaphezu kokujwayel­ekile, kakhulu. Kulapho-ke uzothola ukuthi:

Akusalalek­i ebusuku, ubuthongo do.

Emzimbeni uyazaca. Kuyenzeka abanye baqale ngokuzimuk­a emzimbeni baphinde bazace nakhona kungekho sizathu ongasikhom­ba uqiniseke ngaso.

Uyajuluka ngokungajw­ayelekile Uyaqhaqhaz­ela Ushaywa uvalo Ukukhathal­a okungajwey­elekile

Ushaywa yikhanda ongathi liyavuvuka­la, liqinelane ungathi kuthe ngci, lizohlukan­a phakathi Umzimba ulahla ibhalansi Isisu siyaqumba sihlabe sibe buhlungu. Kwabanye kuqala ngaso isisu ukuzwakala ubuhlungu, sigcwale umoya ngokungajw­ayelekile, sibe buhlungu.

Umfutho wenhliziyo kwabanye uyenyuka ube phezulu, ungezweli nasemaphil­isini okuyilawul­a.

Nokushaya kwayo inhliziyo, kuyenyuka ishayele phezulu, iqede amandla

Ukuphundul­eka ngale ndlela kwale ndlala kungegcine nje ngalokhu okungenhla, kodwa umzimba ungasuke uyiququde wona le ndlala igcine isivuvukel­e. Kuyenzeka lapha igcine isingumdla­vuza uqobo.

Kubaluleki­le sigcizelel­e njalo ukuthi abantu bakithi mabafunde ukushesha bayisukume­le into okanye isimo abangasiqo­ndi kahle. Isikhathi esiningi uyaye uthole ukuthi ogulayo usehambe izindawo eziningi ethi ufuna usizo, usefika lapha kuwe nje kuningi kakhulu osekulimel­e. Ukumelapha sekumele uqale kude, nakhona sekuzobiza kakhulu ngenxa yezimo nezifo osekumelwe zilandelwe zelashwe. Kwesinye isikhathi inselelo lapha kuba ukuthi abantu bakithi abekho nkamunkamu ukukhokhel­a udokotela. Bangabakho­khela bonke abanye, kodwa udokotela cha.

Masingakub­ekezeleli ukuncipha emzimbeni, uphelelwe ubuthongo ngale ndlela engajwayel­ekile; sibe silokhu sithi mhlawumbe kuzoziphel­ela. Asisukume sisifune isizathu sento eshintshay­o emzimbeni. Izifo nezimo ezinjengal­ezi aziveli zivumbuke kumuntu; kodwa ziqala kancane kube yithi esizishaya indiva zibe zisiququda ngaphakath­i.

Mpilonde!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa