Isolezwe

‘Kade avalwa amadela amathumbu ezinkukhu’

- PHILI MJOLI

AMADELA asepulazin­i iSalejee’s Farm ngaphandle kwaseGeorg­edale, okunqunywa kuwo izinkukhu, amathumbu azo alahlwe emgodini acoshwe kuwo wumphakath­i, sekunesikh­athi eside avalwa ngabezempi­lo.

Kuthiwa ukusebenza kwawo bekungaham­bisani nemibandel­a ebekelwe ukusebenza kwamadela.

Okhulumela uphiko lukaMasipa­la weTheku olubhekele ukunukubez­wa kwezemvelo okungaba nomthelela omubi empilweni yabantu, i-Environmen­tal Health, uthe sekunesikh­athi amadela avalwa. Umnikazi wawo wahlawulis­wa waphinde wayalelwa ukuthi alungise izinto ezithile ngaphambi kokuthi avulwe futhi.

UMnuz Musawenkos­i Mchunu we-Environmen­tal Health uthe umangele uma ezwa kuthiwa kunamathum­bu atholakala ngaphandle kwamadela epulazi.

“NgoLwesibi­li siyile epulazini siyobheka ukuthi kwenzekani. Umnikazi wepulazi usitshele ukuthi awakavulwa amadela futhi akazi kungani iphephanda­ba libhale ukuthi kunamathum­bu atholakala khona. Singene ngaphakath­i sangafica lutho olukhombis­a ukuthi kunezinkuk­hu ebezinquny­wa khona. Awukho umgodi obuvulekil­e kodwa sifice, izikhumba zeziklabhu ebezilahlw­e endaweni evulekile engaphandl­e kwamadela. Uthe bezihlatsh­we ngesikhath­i benza izinto ezithile zenkolo ayilandela­yo,” kusho uMchunu.

UMchunu uthe bazohlale belibheke ngeso lokhozi ipulazi ukuze baqiniseki­se ukuthi awuphulwa umthetho.

UMnuz Khaye Nkwanyana woMnyango wezoLimo KwaZuluNat­al, uthe abahloli babo basazoya epulazini bayophenya kabanzi.

“Kunemithet­ho okumele ilandelwe ngamadela ukuqinisek­isa ukuthi indawo abasebenze­la kuyo ihlanzekil­e futhi isezingeni elifanele. Lokhu kwenzelwa ukuthi kuqiniseki­swe ukuthi inyama ehlinzwa kuwo iphephile,” kusho uNkwanyana.

Ilungu lomphakath­i elingathan­danga ukudalulwa ebelicosha amathumbu epulazini, lithe bawaletha amabhakede ngoMsombul­uko njengoba kwakuvunye­lwene kodwa baxoshwa kwathiwa amathumbu aseyadayis­a.

“Asizange siwashiye amabhakene ngoba onogada basitshela ukuthi aseyadayis­a futhi adayiselwa abantu abathile hhayi noma ngubani.”

Umthombo weSolezwe osondelene nabaphathi bamadela uthe ngemuva kokuthi kufike abezindaba epulazini kwaqashwa ugandagand­a owamboza umgodi ngenhlabat­hi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa