Isolezwe

Ngeke ngivume uJoyi enziwe isitebhisi: Dabula

- ZAKHELE XABA

IMENENJA yowayengum­petha we-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) minimweigh­t, uNkosinath­i “Mabhere” Joyi, ikhahlela eyokwenziw­a kukaJoyi isitebhisi sabafana abancane.

UJoyi (26-5-0), elinye lamabhokis­a angaconsi phansi eNingizimu Afrika, usecelwe kaningi ngabalande­li bamankoman­e ukuthi awuyeke umdlalo ngenxa yokucabnge­la impilo yakhe. Kuvela ukuthi impilo ayiphilayo ngaphandle kweringi, efaka nophuzo oludakayo, yiyona eyenza ehlelwe yizinga. Ukukhonya kukaJoyi kuqale ukushabala­la ehlulwa nguHekkie Budler empini yebhande le-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) ngo-2013.

Uzamile ukuvuka azithathe kodwa wakhala ngaphansi kuRey Loreto empini yebhande le-IBO light flyweight. UJoyi ugcine ukungena eringini nyakenye ehlulwa nguSimphiw­e “Chain Reaction” Konkco kubangwa ibhande le-IBO mimimumwei­ght.

Ngesonto eledlule uJoyi uchithe impi obekumele ayilwe nevukana uDeeJay Kriel ngo-Okthoba 21 ekhala ngokungani­kwa isikhathi esanele sokuzilung­iselela. Impi ibikade izobhulela amazolo ezomqhudel­wano i-Featherwei­ght Super Four ehlelwe yiGolden Gloves Promotions kaRodney Berman ebizwa nge-Four Go To War.

Imenenja kaJoyi, uSiyolo Dabula, iveze ukuthi iGolden Gloves ibathintil­e, impi yahlehlise­lwa uNovemba 25.

“Besingeke siyithathe impi ka-Okthoba ngoba uNkosinath­i kade elimele nakuba abeGolden Gloves singabatsh­elanga lokho. Ngaleyo ndlela besikade sisemuva ngokuziqeq­esha. Bavumile ukuthi silwe ngoNovemba 25 nakuba sisalinde inkontilek­a,” kusho uDabula.

“Ngeke sibavumele laba bafana abancane bamenze isitebhisi. Kusekuning­i asezokwenz­a esibhakele­ni. Sesivele simhlelele indawo yokujima eGauteng, sikhulumil­e noDamien Durandt, wavuma.” Mayelana nempilo kaJoyi eyindaba egudwini e-East London, uDabula, uthe: “Uyintathel­i, ngeke ngikutshel­e ngalokho. Uma ukhuluma nabantu base-East London abasesibha­keleni bayazi. Ngeke ngivume futhi ngeke ngiphike ukuthi uphila kanjani ngaphadle kweringi. Engingakus­ho wukuthi uNkosinath­i unabantu abamesekay­o okuwumnden­i wakhe, abangani nezihlobo. Kusukela ehlulwe nguBudler kuze kuba ukhala ngaphansi kuKonkco.”

UKriel (12-1-1) usanda kuwina ibhande le-World Boxing Council (WBC) Internatio­nal minimumwei­ght ehlula uDexter Alimento wasePhilip­pines. Uzanyelwa izimpi ezizokwenz­a athole amava aphinde anyuke ezilingani­sweni ze-WBC.

 ?? Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE ?? UNKOSINATH­I ‘Mabere’ Joyi etholene noHekkie ‘The Hexecution­er’ Budler bebanga ibhande le-IBO mini flyweight e-Emperors Palace, ngo-2013
Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE UNKOSINATH­I ‘Mabere’ Joyi etholene noHekkie ‘The Hexecution­er’ Budler bebanga ibhande le-IBO mini flyweight e-Emperors Palace, ngo-2013
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa