OweBafana Bafana neLibya uzoba seMoses Mabhida
IKHUZA ibuya eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngomdlalo omqoka iBafana Bafana esanda kungena ehlazweni kuyona inkundla kanokusho.
Isolezwe lihabule izindaba zokuthi iBafana izobhekana neLibya eThekwini ngoMashi 23 emdlalweni wokuhlungela ukuzibekisela indawo kwiCAF Africa Cup of Nations (Afcon) eseCameroon ngo-2019.
Lezi zindaba ziqinisekiswe nguVusi Mazibuko oyimenenja yaseMabhida.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi umdlalo weBafana neLibya uzodlalwa lapha eMabhida ngoMashi. Sijabule ngokuthola elinye ithuba lokusingatha umdlalo weqembu lesizwe. Inhloso yethu wukuthi sithole imidlalo okungenani emibili yeqembu lesizwe ngesizini eyodwa yebhola. Sonke siyazi ukuthi sisanda kusingatha umdlalo wokuhlungela ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba lapha iqembu lesizwe belidlala khona neCape Verde,” kusho uMazibuko.
IBafana iyiqale kahle imidlalo yokuhlungela ukuzibekisela indawo kwi-Afcon. Iqumbe phansi iNigeria ngo 2-0 emdlalweni wokuqala e-Uyo, eNigeria. Kulo mdlalo wokuqala womqeqeshi omusha weBafana uStuart Baxter elakuleli beliqala ukushaya amaSuper Eagles emdlalweni omqoka.
IBafana iboshelwe eqoqweni elilodwa neNigeria, Libya neSeychelles. Njengamanje ibambene ngamaphuzu amathathu neLibya abazodlala nayo ngoMashi. Kowokuqala iLibya iguqise iSeychelles ngo 5-1.
IBafana inengcindezi yokuzibekisela indawo kulo mqhudelwano kwazise amathuba ayo okuyodlala kwiNdebe yoMhlaba eRussia ayamfimfa. Njengamanje iBafana inephuzu elilodwa ngemuva kwemidlalo emithathu. Idlale ngokulingana neBurkina Faso yase ixetshulwa yiCape Verde ekhaya nasekuhambeni.
Umdlalo eyawunqoba idlala neSenegal uzophindwa ngoNovemba. ISouth Africa Football Association (Safa) igcine isivumile isinqumo seFifa sokuthi umdlalo ubuyele enkundleni. Unompempe waseGhana, uJoseph Lamptey, wadingiswa unomphela ebholeni ngemuva kokuthokala ukuthi wayethunywe ngabathize ekutheni umdlalo uphele ngo 2-1.
IBafana iyona eyanqoba ngo 2-1 ngonyaka odlule ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, eLimpopo. Idinga amaphuzu ayisishiyagalombili kule emidlalo emthathu ukuze izibeke ethubeni lokuthi lokuya eRussia.
Yagcina ukudlala kulo mqhudelwano ngezithukuthuku zayo ngo-2002 eJapan/Korea. Ngo2010 idlala njengosokhaya.
IBafana iyehluleka wukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba nje nakwi-Afcon. Ibingabonwa nangokhalo ekuqaleni konyaka eGabon. Igcine ukudlala kwi-Afcon ngo-2015 e-Equatorial Guinea. Nango-2014 eBrazil iBafana ayizange ilubhade.