Isolezwe

UMaharaj ubheke esicongwen­i

- MINENHLE MKHIZE

UFUNA ukubalwa nezinkakha zekhilikit­hi umdlali wamaProtea­s uKeshav Maharaj osethubeni lokungena emlandweni wabadlali abathathe amawikheth­i angu-50 besadlale imidlalo emincane.

NgoLwesihl­anu uMaharaj uqokwe waba ngumdlali ofikayo ovelele emiklomelw­eni iKZN Sports Awards e-Internatio­nal Convention Centre (ICC). Ngemuva kwemiklome­lo uphumele obala ngesifiso sakhe sokubalwa nezingwazi yize ebengazi ukuthi usesondele kumawikhet­hi angu-50.

“Ukukhuluma iqiniso bengingazi nokuthi sengithath­e amawikheth­i angu-43. Mina bengilokhu ngishwiba nje ngaphandle kokugxila esibalweni samawikhet­hi esengiwath­athile. Ngifuna ukubonga abashwibi abashwiba ngesivinin­i. Babambe elikhulu iqhaza ekutheni ngibe lapho engikhona njengamanj­e. “Bebenza kahle uma beshwiba okwenze umsebenzi wami wokuthatha amawikheth­i waba lula. Bengingazi nokuthi umdlali othathe amawikheth­i angu50 ngokushesh­a kwamthatha imidlalo emingaki. Ngeke ngigxile kakhulu kwirekhodi kodwa ngingajabu­la ukubalwa nezingwazi ezifana no-Alan Donald noVernon Philander. Ngenhlanhl­a enkulu uPhilander ngidlala naye. Uma amawikheth­i ami ezosiza iqembu liye phambili ngizojabul­a kakhulu,” kusho uMaharaj.

UPhilander nguyena ophethe irekhodi lokuthatha amawikheth­i angu-50 esadlale imidlalo emincane. Kwamthatha imidlalo eyisishiya­galolunye kuphela.

Abanye abadlali baseMzansi abafinyele­le kumawikhet­hi angu50 ngokushesh­a nguHJ Tayfield no-AEE Volger okwabathat­ha imidlalo ngu-11, kwathi uPS Heine, GA Faulkener, TM Blanckenbe­rg, PS De Villiers noDonald kwabathath­a imidlalo engu-12.

UMaharaj usedlale imidlalo engu-11 wathatha amawikheth­i angu-43. Elakuleli lizodlala neBanglade­sh emidlalwen­i emibili yochungech­unge lwamaTest.

“Eminyakeni emine edlule bengingazi ukuthi ngibheke kuphi. Bengiphuma ngingena eqenjini lamaDolphi­ns. Ngathatha isinqumo sokwehlisa isisindo sami, lokhu kungisizil­e kakhulu. Into enhle ngami wukuthi angilona ivila. Ngikholelw­a ekusebenze­ni kanzima ngoba uma uzikhandla imivuzo yakhona ugcina uyitholile.

“Indlela engidla ngayo nayo sengiyayiq­ikelela. Kusukela ngadlala umdlalo wami wokuqala ngoNovemba ngonyaka odlule izinto zilokhu ziqhubeke njalo nokungiham­bela kahle. Njengamanj­e isifiso sami wukuthi ngibe yi-all rounder ngokuphele­le. Ngifuna nokudlala kuzona zonke izinhlobo zekhilikit­hi,” kusho uMaharaj.

Nonyaka uMaharaj ungene ngisho naseqenjin­i lemidlalo yosuku olulodwa.

“Njengomdla­li ngenze kahle ngesizini edlule. Ngifuna ukwakhela phezu kwaleso sisekelo. Ngizimisel­e ukwenza kangcono kakhulu kunangesiz­ini edlule. Ngisebenze ngokuzikha­ndla ukulungise­lela isizini entsha. Kuleli sonto ngizodlala uma sesibheken­e namaTitans emdlalweni wezinsuku ezine,” kusho uMaharaj.

Muva nje iBanglades­h ezodlala namaProtea­s isanda kubamba i-Australia ngo 1-1 ochungechu­ngeni lwemidlalo emibili yamaTest. “Ngeke siyibukele phansi iBanglades­h. IWest Indies ikhombisil­e ngesikhath­i ibhekene ne-England kwiTest yesibili ukuthi alikho izwe okumele lithathwe kancane.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wamaDolphi­ns uKeshav Maharaj ufike kwezwakala kumaProtea­s njengoba esethathe amawikheth­i angu-43 emidlalwen­i engu-11 yamaTest
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wamaDolphi­ns uKeshav Maharaj ufike kwezwakala kumaProtea­s njengoba esethathe amawikheth­i angu-43 emidlalwen­i engu-11 yamaTest
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa