Isolezwe

OweBafana Bafana neLibya uzoba seMoses Mabhida

- MINENHLE MKHIZE

IKHUZA ibuya eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngomdlalo omqoka iBafana Bafana esanda kungena ehlazweni kuyona inkundla kanokusho.

Isolezwe lihabule izindaba zokuthi iBafana izobhekana neLibya eThekwini ngoMashi 23 emdlalweni wokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwiCAF Africa Cup of Nations (Afcon) eseCameroo­n ngo-2019.

Lezi zindaba ziqiniseki­swe nguVusi Mazibuko oyimenenja yaseMabhid­a.

“Ngingakuqi­nisekisa ukuthi umdlalo weBafana neLibya uzodlalwa lapha eMabhida ngoMashi. Sijabule ngokuthola elinye ithuba lokusingat­ha umdlalo weqembu lesizwe. Inhloso yethu wukuthi sithole imidlalo okungenani emibili yeqembu lesizwe ngesizini eyodwa yebhola. Sonke siyazi ukuthi sisanda kusingatha umdlalo wokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba lapha iqembu lesizwe belidlala khona neCape Verde,” kusho uMazibuko.

IBafana iyiqale kahle imidlalo yokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwi-Afcon. Iqumbe phansi iNigeria ngo 2-0 emdlalweni wokuqala e-Uyo, eNigeria. Kulo mdlalo wokuqala womqeqeshi omusha weBafana uStuart Baxter elakuleli beliqala ukushaya amaSuper Eagles emdlalweni omqoka.

IBafana iboshelwe eqoqweni elilodwa neNigeria, Libya neSeychell­es. Njengamanj­e ibambene ngamaphuzu amathathu neLibya abazodlala nayo ngoMashi. Kowokuqala iLibya iguqise iSeychelle­s ngo 5-1.

IBafana inengcinde­zi yokuzibeki­sela indawo kulo mqhudelwan­o kwazise amathuba ayo okuyodlala kwiNdebe yoMhlaba eRussia ayamfimfa. Njengamanj­e iBafana inephuzu elilodwa ngemuva kwemidlalo emithathu. Idlale ngokulinga­na neBurkina Faso yase ixetshulwa yiCape Verde ekhaya nasekuhamb­eni.

Umdlalo eyawunqoba idlala neSenegal uzophindwa ngoNovemba. ISouth Africa Football Associatio­n (Safa) igcine isivumile isinqumo seFifa sokuthi umdlalo ubuyele enkundleni. Unompempe waseGhana, uJoseph Lamptey, wadingiswa unomphela ebholeni ngemuva kokuthokal­a ukuthi wayethunyw­e ngabathize ekutheni umdlalo uphele ngo 2-1.

IBafana iyona eyanqoba ngo 2-1 ngonyaka odlule ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, eLimpopo. Idinga amaphuzu ayisishiya­galombili kule emidlalo emthathu ukuze izibeke ethubeni lokuthi lokuya eRussia.

Yagcina ukudlala kulo mqhudelwan­o ngezithuku­thuku zayo ngo-2002 eJapan/Korea. Ngo2010 idlala njengosokh­aya.

IBafana iyehluleka wukuzibeki­sela indawo kwiNdebe yoMhlaba nje nakwi-Afcon. Ibingabonw­a nangokhalo ekuqaleni konyaka eGabon. Igcine ukudlala kwi-Afcon ngo-2015 e-Equatorial Guinea. Nango-2014 eBrazil iBafana ayizange ilubhade.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, unethemba lokuthi uzobuya nomphumela omuhle eMorocco lapho bezobhekan­a neWydad Casablanca, emlenzeni wesibili weCAF Champions League ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, unethemba lokuthi uzobuya nomphumela omuhle eMorocco lapho bezobhekan­a neWydad Casablanca, emlenzeni wesibili weCAF Champions League ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa