Isolezwe

UPitso uyivivele impi neWaydad koweCAF

- LUNGILE MAJOKA

AKANAVALO lokubhekan­a nempi athi uyilindele enhla ne-Afrika umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane, iqembu lakhe izolo ebusuku elinikele eMorocco ukuyothuth­ana neWydad Casablanca emlenzeni wesibili we-quarterfin­al yeCAF Champions League.

Umdlalo ungoMgqibe­lo ngo-10 ebusuku eMohammed V Stadium, eCasablanc­a.

Ngempelaso­nto iqembu likaMosima­ne lidlule ngo 1-0 emlenzeni wasekhaya eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngegoli elishaywe uYannick Zakri esiwombeni sesibili somdlalo.

Ephawula kuthelevis­hini ngemuva komdlalo uMosimane uthe umdlalo ubungelula.

“Asidlalang­a kahle esiwombeni sokuqala. Ngidlalise abadlali abathathu esiswini uVilla (Sibusiso Vilakazi), uKeke (Hlompo Kekana) no-Oupa (Manyisa) ngoba ngizitshel­a ukuthi kuzosisiza lokho kodwa sibe sesilimala phambili njengoba uLeonardo (Castro) ubesala yedwa. Sishintshi­le safaka abadlali abathathu phambili, uLeo, uPercy (Tau) noZakri, salwa ukuze sithole umphumela esiwudinga­yo. Lincane igebe esihamba ngalo phambili kodwa ngincamela khona ukuthi sinqobe ngo 1-0 kunokuthi umdlalo uphele ngo 0-0,” kusho uMosimane.

IWydad ayisiwona amavukana njengoba iqede endaweni yokuqala eqoqweni layo ebelibophe­le i-Al Ahly yase-Egypt. Nyakenye kwale kancane ingene kowamanqam­u walo mqhudelwan­o owagcina unqotshwe yiSundonws ihlula iZamalek yase-Egypt. Ngemuva kokuthi iCasablanc­a ivuthululw­e yiZamalek ngo 4-0 emlenzeni wasekuhamb­eni kowandulel­a owamanqamu yafika ekhaya yavuka umbhejazan­e inqoba ngo 5-2.

Lokhu kukhomba ngokusobal­a ukuthi iSundowns kuzomele isebenze kanzima ukuze idlulele esigabeni esandulela owamanqamu.

“Khona akusekude sifike (kowamanqam­u) yingakho ngithi kungcono ukuya kubona negoli elilodwa kunokuthi singaphath­i lutho. Sizobagqil­aza. Ngiyazi ukuthi kubhekwana kanjani namazwe asenhla ne-Afrika. Kumele uqonde usiko mpilo lwabo nendlela abacabanga ngayo. Ubabonile nje, ibhentshi labo lonke liza kithina, cabanga bazokwenza njani uma sesikubona? Kodwa ke anginavalo,” kuphetha uMosimane.

Uma iSundowns inqoba iWydad ikowandule­la owamanamu izodlala ne-USM Alger yase-Algeria noma iFerroviar­o yaseMozamb­ique. La maqembu abambane ngo 1-1 emlenzeni wokuqala.

Kodwa izinhlelo zikaMosima­ne zikhomba ukuthi akanavalo ngokuthi ezakhe zisazoqhub­eka nokuyibamb­a kulo mqhudelwan­o.

ISundowns njengoba ihambe izolo kulindelek­e ukuthi ize ibuye kuleli ngemuva komdlalo womlenze wokuqala wama-semi final.

Kuvela ukuthi ngemuva kokudlala neWydad iqembu lizodlulel­a e-Algeria lapho linethemba lokuthi lizodlala ne-USM Alger kuma-semi final ngoSepthem­ba 29.

I-Alger ibambane ngo 1-1 neFerrovia­ro emdlalweni wabo wokuqala we-quarterfin­al.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa