Isolezwe

Kugxekwe amaphoyisa ngokubulaw­a kosopoliti­ki

- MHLENGI SHANGASE

KUGXEKWE amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngokuthi kungenzeka abe nesandla ekubulawen­i kwabepolit­iki njengoba kunamacala osekuphele iminyaka kungaboshw­a abangobhon­goza kuwo.

Lokhu kuvezwe nguSihlalo kazwelonke we-IFP, uMnuz Blessed Gwala obefakaza kwikhomish­ini ephenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki wathi sebekholwa ngukuthi amaphoyisa ahudula izinyawo ngoba ezinye zezibhamu ezisetshen­ziswa yizinkabi ziqhamuka emaphoyise­ni.

“Kugcwele amalungu oMkhonto weSizwe emaphoyise­ni, asazi noma aqeqeshwa yini njengamany­e amaphoyisa,” kufakaza uGwala, izolo.

Uthe i-ANC iyona okumele idalule ukuthi izikhali zikuphi ngoba iyona eyayingaph­andle kwezwe. “Kunabaholi abahamba bekhuluma ngokuthi kunezibham­u, kumele kube yibona laba baholi be-ANC abaphumela obala. I-ANC eyaziyo ukuthi izibhamu zikuphi,” kusho uGwala.

USihlalo wekhomishi­ni, u-Advocate Marumo Moerane uzwakalise ukukhathaz­eka ukuthi kungenzeka ukuthi amaphoyisa ayekwi-MK awazange aqeqeshwe.

Omele amaphoyisa kule khomishini, uMnuz Mthokozisi Ngcobo, uthe kukhona ukuqeqeshw­a okwenziwa amalungu amaphoyisa ayeyiMK. “Emaphoyise­ni angu-191 000, yidlanzana elalingama­lungu e-MK,” kusho uGwala obale uhlu lwamacala okungakaze kugwetshwe muntu ekubeni amanye enzeka kubuka izwe.

Ubalule icala likaMnuz Siyabonga Dlamini owabulawa ngaphandle kwenkantol­o yaseNtuzum­a ngo-2012. “Waboshwa umuntu owenza lokhu ngoba wadonsa isibhamu kubuka izwe, amaphoyisa ayekhona wadubula uDlamini washonela khona lapho. Kodwa akazange agwetshwe icala ladliwa izinja (lahoxiswa) ngoba kuthiwa i-SABC yanqaba ukudedela i-video yesehlakal­o. Amaphoyisa kwakumele aphenye angathembe­li kwi-video yabezindab­a ukuze kugwetshwe owenza lokhu.” Ubalule nokubulawa kukaMnuz Sipho Ndovela, owabulawa ngaphandle kwenkantol­o uMlaza.

“Amaphoyisa amphelezel­a amshiya enkantolo, ahamba aya eSiphingo. Wawashayel­a ucingo eseqedile athi akaphumele ngaphandle kanti uzodutshul­wa,” kusho uGwala.

Ubalule ukwakheka kwe-NFP neNadeco njengento eyayihlelw­a yi-ANC.

“I-ANC yayizama ukubulala i-IFP ngokuba yingxenye kusungulwa la maqembu. INadeco eyayiholwa uZiba Jiyane (Dkt owake waba nguSihlalo kazwelonke we-IFP) ne-NFP eholwa nguVZ (Nkk Zanele MagwazaMsi­bi naye owayenguSi­hlalo kazwelonke we-IFP). Kwakuyimiz­amo yokuhlakaz­a i-IFP,” kusho uGwala.

Uthe i-ANC yamhlomuli­sa u-VZ ngokumnika umsebenzi ePhalamend­e, uJiyane wathola ithenda yamabhasi eRichards Bay.

Ukhale ngokuthi akuzange kwenzeke lutho ngowayengu­mphathi wesiteshi samaphoyis­a eWembezi owathi akubulawe abe-IFP.

“Ngalubika lolu daba kodwa akwenzekan­ga lutho. Kuyakhatha­za ukuthi umuntu ofana naye angasho into enje. Kuthiwa lo mphathi siteshi wathatha umhlalapha­nsi,” kusho uGwala.

 ?? Isithombe: MHLENGI SHANGASE ?? USIHLALO kazwelonke we-IFP uMnuz Blessed Gwala enoMnuz Mthembeni Majola owadutshul­wa ngo-2010 osehamba ngesihlalo esinamason­do, kwikhomish­ini ephenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki
Isithombe: MHLENGI SHANGASE USIHLALO kazwelonke we-IFP uMnuz Blessed Gwala enoMnuz Mthembeni Majola owadutshul­wa ngo-2010 osehamba ngesihlalo esinamason­do, kwikhomish­ini ephenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa