Kugxekwe amaphoyisa ngokubulawa kosopolitiki
KUGXEKWE amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngokuthi kungenzeka abe nesandla ekubulaweni kwabepolitiki njengoba kunamacala osekuphele iminyaka kungaboshwa abangobhongoza kuwo.
Lokhu kuvezwe nguSihlalo kazwelonke we-IFP, uMnuz Blessed Gwala obefakaza kwikhomishini ephenya ngokubulawa kosopolitiki wathi sebekholwa ngukuthi amaphoyisa ahudula izinyawo ngoba ezinye zezibhamu ezisetshenziswa yizinkabi ziqhamuka emaphoyiseni.
“Kugcwele amalungu oMkhonto weSizwe emaphoyiseni, asazi noma aqeqeshwa yini njengamanye amaphoyisa,” kufakaza uGwala, izolo.
Uthe i-ANC iyona okumele idalule ukuthi izikhali zikuphi ngoba iyona eyayingaphandle kwezwe. “Kunabaholi abahamba bekhuluma ngokuthi kunezibhamu, kumele kube yibona laba baholi be-ANC abaphumela obala. I-ANC eyaziyo ukuthi izibhamu zikuphi,” kusho uGwala.
USihlalo wekhomishini, u-Advocate Marumo Moerane uzwakalise ukukhathazeka ukuthi kungenzeka ukuthi amaphoyisa ayekwi-MK awazange aqeqeshwe.
Omele amaphoyisa kule khomishini, uMnuz Mthokozisi Ngcobo, uthe kukhona ukuqeqeshwa okwenziwa amalungu amaphoyisa ayeyiMK. “Emaphoyiseni angu-191 000, yidlanzana elalingamalungu e-MK,” kusho uGwala obale uhlu lwamacala okungakaze kugwetshwe muntu ekubeni amanye enzeka kubuka izwe.
Ubalule icala likaMnuz Siyabonga Dlamini owabulawa ngaphandle kwenkantolo yaseNtuzuma ngo-2012. “Waboshwa umuntu owenza lokhu ngoba wadonsa isibhamu kubuka izwe, amaphoyisa ayekhona wadubula uDlamini washonela khona lapho. Kodwa akazange agwetshwe icala ladliwa izinja (lahoxiswa) ngoba kuthiwa i-SABC yanqaba ukudedela i-video yesehlakalo. Amaphoyisa kwakumele aphenye angathembeli kwi-video yabezindaba ukuze kugwetshwe owenza lokhu.” Ubalule nokubulawa kukaMnuz Sipho Ndovela, owabulawa ngaphandle kwenkantolo uMlaza.
“Amaphoyisa amphelezela amshiya enkantolo, ahamba aya eSiphingo. Wawashayela ucingo eseqedile athi akaphumele ngaphandle kanti uzodutshulwa,” kusho uGwala.
Ubalule ukwakheka kwe-NFP neNadeco njengento eyayihlelwa yi-ANC.
“I-ANC yayizama ukubulala i-IFP ngokuba yingxenye kusungulwa la maqembu. INadeco eyayiholwa uZiba Jiyane (Dkt owake waba nguSihlalo kazwelonke we-IFP) ne-NFP eholwa nguVZ (Nkk Zanele MagwazaMsibi naye owayenguSihlalo kazwelonke we-IFP). Kwakuyimizamo yokuhlakaza i-IFP,” kusho uGwala.
Uthe i-ANC yamhlomulisa u-VZ ngokumnika umsebenzi ePhalamende, uJiyane wathola ithenda yamabhasi eRichards Bay.
Ukhale ngokuthi akuzange kwenzeke lutho ngowayengumphathi wesiteshi samaphoyisa eWembezi owathi akubulawe abe-IFP.
“Ngalubika lolu daba kodwa akwenzekanga lutho. Kuyakhathaza ukuthi umuntu ofana naye angasho into enje. Kuthiwa lo mphathi siteshi wathatha umhlalaphansi,” kusho uGwala.