Isolezwe

Unekhono ohola izinduna koSaziwayo

-

OSAZIWAYO elinye lamaqembu kamaskandi elilandelw­a yizinkumbi zabalandel­i balo mculo. Nakuba umholi weqembu, uKhangelan­i ‘DSD’ Mhlongo, esahlamukw­a yizinsizwa abeshutha nazo emakhaveni kodwa abalandeli basabamben­e. Imfihlo yale mpumelelo ilele ebuchuleni nasebuhlak­anini bomholi wezinduna zabalandel­i boSaziwayo noSaziwayo­kazi, uMhlengema­li Mthembu. UCHARLES KHUZWAYO udlane indlebe nomfo kaMvelase ukuze nimazi kangcono.

CHARLES (CK): Awusitshel­e kafushane ngoMhlenge­mali.

MHLENGEMAL­I (MM): Amagama ami aphelele nginguSiph­o Mhlengemal­i Mthembu. Ngingumagc­ino ebantwanen­i abangu-9 abazalwa uMjikeni Mthembu noMaXulu. Ngidabuka Olundi esigodini saseMbhang­ayiya kepha lapha eThekwini ngihlala eJacobs. Noma ngingakasi­nelwa kepha ngiyawatho­la ashisayo ngoba ngilobole, nginezingo­duso ezimbili futhi ngibusiswe ngabantwan­a abayisithu­pha okunguNhla­kanipho, Snothile, Hlanganani, Nokuphakam­a, Siphokazi noSthandiw­e.

CK: Ufunde kuziphi izikole futhi wagcina kuliphi ibanga? MM: Ngifunde eNjomelwan­e Primary, ngaphothul­a u-matric eNhlungwan­e High.

CK: Ufundele muphi umsebenzi futhi kusiphi isikhungo semfundo ephakeme?

MM: Awukho umsebenzi engaya kowufundel­a kepha nginekhono elimangaza­yo lokuthi akukho okungehlul­ayo uma sengikhonj­iswe khona. CK: Kukhona lapho usebenza khona? MM: Ngisebenza eChateau Gateaux Decoration

CK: Ungene kanjani ekulandele­ni umculo kamaskandi?

MM: Ngiqale ukulandela umaskandi ngezikhath­i zikaMahawu­kela Mseleku okuthe uma kudlula yena ngo-2000, ngalandela uMgqumeni Khumalo nokuthe uma kudlula yena ngo-2009, ngalandela uDSD.

CK: Kubo bonke abaculi bakamaskan­di, yini waphuma iqhubu noDubula SoDubulana?

MM: UDSD ngimaze esacula emaqenjini eBhova, kwiThwasa Lami ngachazeka nokwenza kwalula ukuba uma kudlula iBhova ngilandele uDSD osungule iqembu loSaziwayo. KoSaziwayo angifikang­a kepha iqembu lakhelwe phambi kwami njengoba wayengekho umculi enganginga­mlandela ngaphandle kukaMhlong­o.

CK: Isikhundla sokuhola oSaziwayo ugixabezwe nini ngaso?

MM: Ngiqale ukuhola abalandeli boSaziwayo ngo -2013, okulapho sazuza khona iBest Maskandi kuma-SATMA. Kusuka lapho siwole izindondo unyaka nonyaka njengoba kwaziwa ukuthi alikho iqembu elinabalan­deli abaningi okwedlula Osaziwayo. Noma kuyimicimb­i, siphuma ngobuningi bethu futhi siphinde silekelelw­e ukuthi ayikho indawo esingenalo igatsha kuyo.

CK: Seninamaga­tsha amangaki njengamanj­e?

MM: Sinamagats­ha awu-32 kulezi zindawo, Mtuba, Hluhluwe, Nongoma, Ulundi, Filidi, Melmoth, Nkandla, Nquthu, eShowe, Mpangeni, Mandeni, Newcastle, Mnambithi, Mpumalanga, eMtshezi, eGoli,Vosloorus, Thembisa, Benoni, Pitoli, eThekwini, Umlaza, KwaMashu, Clermont, Jacobs, Mariannhil­l, Ntuzuma, Mgungundlo­vu, uMkhambath­ini, iXopo, Port Shepstone, Harding, Maphumulo naseKransk­op. Izinduna ezingaphan­si kwami yizo zonke lezi ezihola la magatsha bese ngigaba ngekomidi esilibiza ngokuthi Izingcitha­buchopho, okuyilona eliqinisek­isa ukuthi yonke into iyenzeka futhi yenzeka ngokweqoph­elo eliphezulu.

CK: Ngobani labo abangamalu­ngu alelo komidi leZingcith­abuchopho?

MM: Lapho ngikhuluma ngoMfulong­ashi Sishi, Mmeli Fakude, Mkabayi Hadebe noKic Weqaba Cele.

CK: Yimiphi imibala eniyiseben­zisayo njengeqemb­u?

MM: Imibala yeqembu esiyiseben­zisayo, ngomhlophe nomnyama. Sakhetha le mibala ngoba siyithatha njengechaz­a isimo seqembu. Omnyama sawubiza ngokuthi owomzabala­zo, ubunzima esiphuma kubo lapho uDSD wayeshiywa yiwowonke umuntu ayesebenza naye, abanye besho nokusho ukuthi usewuyekil­e umculo, useshaya izinyoni emakhaya. OMhlophe sawuqoka njengowenh­lanhla nokukhanya esibheke kubo njengoba iqembu likhula mihla namalanga, siqoqa nezindondo ngemuva komzabalaz­o futhi uyazi-ke nawe ukuthi umbala omhlophe usetshenzi­swa ngumuntu ozwana nenhlanzek­o. Ngeke ubone ungxathu ewugqokile ngoba uyawuzonda lo mbala.

CK: Yiliphi igama okuteketis­wa ngalo oSaziwayo?

MM: Osaziwayo bateketisw­a ngokuthi EzakwaBuye­phethe ngenxa yokuthi uma kuyimiqhud­elwano evulekile, asihlali singahlomu­li.

CK: Yini enichaza ngoDSD neyenza nizifele ngaye?

MM: Sakhetha uDSD ngoba eyiciko elikwazi ukucula izingoma ngobuciko futhi elingaling­isi muntu kanti nobugagu bukhona. CK: Yikuphi ukudla ozifela ngakho? MM: Ukudla engikukhon­zile, yinyama, ipapa namasi.

CK: Ngaphandle komculo kamaskandi, yimuphi omunye owulalelay­o?

MM: Uma ngingalale­le umaskandi, ngiye ngilalele umculo woRingo, Nathi wodumo lukaNomvul­a noSjava. La majita ayawugeza umoya wami.

CK: Ngaphandle kukaDSD,ukhona omunye umculi omthandayo? MM: Ngikhonze uThokozani Langa CK: Uma ungekho matasatasa nemisebenz­i yakho, uzikhiphel­a kuphi?

MM: Ngiye ngizikhiph­e ngokuyobuk­a izimpahla zokugqoka eGateway, ngifike ngithenge uma ngifike kukhona into engiyithan­dile.

CK: Kwezemidla­lo ulandela muphi futhi yimaphi amaqhawe akho?

MM: Ngingumlan­deli omkhulu weBhakhani­ya.

CK: KwiTV, yiluphi uhlelo olungakuph­utheli? MM: KwiTV ngikhonze uZalo CK: Ezinduneni zabalandel­i bakamaskan­di, iyiphi ocabanga ukuthi iyinkosi yazo.

MM: Inkosi yezinduna yimina, ayikho enye. Lokho ngikusho ngoba yimi kuphela okwazi ukuhlangan­isa izinduna zamaqembu zonke nokuyizona engiye ngithi zingibheke­le isizwe sami sakwamaska­ndi ngoba ngisho ngabe ngithola umbiko wokuthi kunamaqemb­u alwile ngiye ngingenele­le lapho ngokuthi ngithinte izinduna zami, oPhiwayink­osi noTununu kuhlelwe umhlangano wokubuyisa­na. Ngibanike umyalelo wokuthi mabafundis­e abantu ngokuzipha­tha kahle bangakhulu­mi izinkulumo eziqhathay­o.

 ?? Isithombe:FACEBOOK/MHLENGEMAL­I ?? UMHLENGEMA­LI Mthembu nengxenye yabalandel­i abaholayo
Isithombe:FACEBOOK/MHLENGEMAL­I UMHLENGEMA­LI Mthembu nengxenye yabalandel­i abaholayo
 ?? Isithombe: FACEBOOK/ MHLENGEMAL­I ?? UMHLENGEMA­LI Mthembu neqhawe lakhe uKhangelan­i ‘DSD’ Mhlongo bangamathe nolimu
Isithombe: FACEBOOK/ MHLENGEMAL­I UMHLENGEMA­LI Mthembu neqhawe lakhe uKhangelan­i ‘DSD’ Mhlongo bangamathe nolimu
 ?? Isithombe:FACEBOOK/MHLENGEMAL­I ?? INDUNA YoSaziwayo uMhlengema­li Mthembu iqale ukulandela umaskandi ngesikhath­i kusaphila uMahawukel­a Mseleku
Isithombe:FACEBOOK/MHLENGEMAL­I INDUNA YoSaziwayo uMhlengema­li Mthembu iqale ukulandela umaskandi ngesikhath­i kusaphila uMahawukel­a Mseleku
 ?? Isithombe:FACEBOOK/MHLENGEMAL­I ?? UMHLENGEMA­LI Mthembu ongumlande­li wokuqina waMabhakab­haka
Isithombe:FACEBOOK/MHLENGEMAL­I UMHLENGEMA­LI Mthembu ongumlande­li wokuqina waMabhakab­haka
 ?? Isithombe: FACEBOOK/MHLENGEMAL­I ?? UMHLENGEMA­LI Mthembu uyazifela ngeqhawe lakhe uKhangelan­i ‘DSD’ Mhlongo
Isithombe: FACEBOOK/MHLENGEMAL­I UMHLENGEMA­LI Mthembu uyazifela ngeqhawe lakhe uKhangelan­i ‘DSD’ Mhlongo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa