Isolezwe

Kuzocaca ngo-2018 ngebheyili yesiboshwa

- KHULEKANI MASEKO

KUZOCACA ngonyaka ozayo ngesicelo sebheyili sesiboshwa esesidonse iminyaka engu-14, abameli baso abafuna sikhishwe ngoba bekholwa ukuthi akubanga nobulungis­wa ekuphathwe­ni kwecala laso.

USibusiso Blose waseNanda obevele eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni izolo, waboshwa ngo-2004 ngecala lokubulala owesilisa okuthiwa wayemduna imoto yakhe eNanda, elokuzama ukubulala nelokuthol­akala nesibhamu esingekho emthethwen­i nezinhlamv­u.

INkantolo eNkulu yaseThekwi­ni igwebe uBlose udilikajel­e ngalawa macala.

Kuvele ukuthi amarekhodi aphethe imininingw­ane ngaleli cala alahleka okwenze kwangaba lula ukuthi kufakwe isicelo sokubuyeke­za isinqumo senkantolo.

Ummeli kaBlose, u-Adv Delen Banard uthe ufuna adedelwe ngebheyili, ngesikhath­i inkantolo isalinde ukunquma ngosuku lokubuyeke­zwa kwecala.

Kuvele ukuthi abukho ubufakazi obabumxhum­anisa nesibhamu esatholwa ngoba azikho izinsalela zeminwe yakhe ezatholaka­la kwisibhamu.

UMengameli wamaJaji u-Achmat Jappie uthe nakuba kuzwakala okushiwo ngabameli besiboshwa, kodwa kudingeka isikhathi esanele ukuze kubhekwe kahle amarekhodi.

“Kumele sikuqonde ukuthi isiboshwa sidonsela amacala abucayi. Kumele okungenani sibe nesikhathi esanele ukubheka amarekhodi. Sekujwayel­ekile ukuthi kulahleke amarekhodi bese kuthi oboshiwe afake isicelo sokubuyeke­za icala, ngoba eneqiniso lokuthi icala lizochithw­a,” kusho uJappie.

Unqume ukuthi isicelo sebheyili siphinde sibuyekezw­e ngoJanuwar­i 22, ngonyaka ozayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa