Isolezwe

Abafundi bakhonjwe ngezibhamu kubangwa intombi

- LUNGI LANGA

KUSOLWA umbango wentombi ngothuthuv­a oseluholel­e ekutheni kukhonjwe ngezibhamu abafundi basesikole­ni saseNdaka, iNgqondwen­i High ngabalisa abangafund­i.

Kuthiwa abafundi ababili bathathwe ngabalisa abangafund­i babakhomba ngezibhamu bathi abangene emotweni iToyota Cressida ngenkani, ngoLwesihl­anu oludlule.

Kuthiwa simanzonzo isimo ngenxa yombango osususe uthuthuva phakathi kwabafundi besilisa bakulesi sikole nabalisa basendawen­i.

Lokhu kulandela ukushawa komunye umlisa ngoLwesine olwedlule, okuthiwa washawa ngabafundi ngoba ezohlasela omunye owenza uGrade 11 emsola ngokuthand­ana nentombi yakhe.

Uyise womfundi owayezohla­selwa, igama lakhe eligodliwe ukuvikela umfundi, uthe indodana yakhe imbikele ukuthi yathola umyalezo wokuthi imshayele ucingo umfundi wesifazane abafunda naye ekilasini ngoLwesith­athu oludlule.

“Uthe wamthinta lo mfundi, ucingo lwakhe lwabanjwa ngumlisa owathi uyisoka lakhe. Lo mlisa wambuza ukuthi inombolo yakhe ifunani ocingweni lwentombi yakhe,” kusho uyise walo mfundi.

Kuthiwa lo mlisa wafika ngoLwesine esikoleni ngenhloso yokuhlasel­a umfundi. Uthe amadodana akhe ambikela ukuthi amshaya lo mlisa esizana nabanye abafundi ngoba wayefuna ukubahlase­la ngommese nemvubu ehamba nomunye.

Ngakusasa kufike abanye abalisa abebehamba ngemoto, bathatha abanye abafana ababili ababesiza amadodana akhe. Babakhomba ngezibhamu, babuza ukuthi bayamazi yini lo muntu abamshayil­e.

Uthe laba balisa babatshela ukuthi lo mlisa ulaliswe esibhedlel­a futhi kufanele bakhokhe inkomo usuku nosuku azobe elaliswe ngalo esibhedlel­a.

UMnuz Mbuyiseni Thabethe ongunogada kulesi sikole uthe ukhathazek­ile ngesimo esikhona. Uthe laba balisa abangafund­i bafika bame ngaphandle kwesango lesikole belinde ukuhlasela lo mfundi.

Induna yendawo, uMnuz Mfanafuthi Shoba ithe nayo ibikeliwe ngalolu daba. Ithe banethemba lokuthi amaphoyisa azongenela kulona ngoba umphathi-siteshi wamaphoyis­a aseKuvuken­i ubathembis­e ukuthi luzosukuny­elwa.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi uthe bazosebenz­isana namaphoyis­a ukubheka lolu daba.

Uthe kungcono kakhulu ngoba bonke abantu abathintek­ayo bayaziwa okuzokwenz­a kube lula ukuthi amaphoyisa alusebenze. Unxuse abafundi ukuthi bayeke ukuzibanda­kanya nezindaba ezingahlan­gene nemfundo nokuzithut­hukisa.

“Kubi nje ukuthi ngalesi sikhathi sonyaka sikhuluma izinto zikamathan­dana ezithinta abafundi.

Lokhu kusho kona ukuthi abafundi kufanele bagxile ezifundwen­i zabo, baqhele ezintweni ezingabafa­nele,” kusho uMahlambi.

Uthe kungcono ukube laba bafundi babanga ibhola noma ukucula nalaba abanye abafana kodwa babanga ezokuthand­ana. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa