Isolezwe

Uyothekela ulwazi osiza umphakathi

- ZANELE MTHETHWA

UZOBUYA nolwazi oluzothuth­ukisa umphakathi wangakubo owesilisa ozocobelel­ana ngolwazi nentsha yakwamanye amazwe engqungqut­heleni ezoba seMidrand, eGoli.

UMnuz Simphiwe Mataba (31) ongumgqugq­uzeli wezinhlelo zokusiza umphakathi kuMasipala waKwaNongo­ma, uzohlangan­yela nezingcith­abuchopho kwiYoung African Leaders Initiative (Yali) eqala ngoSepthem­ba 25. Le ngqungquth­ela yamasonto amane, izobe ihlanganis­e abantu abasha bamazwe akwiSouthe­rn Region. UMataba utshele Isolezwe ukuthi ukukhulela endaweni esemakhaya kumenze wanothando lokusiza umphakathi ngoba ziningi izinkinga akhule ezibona.

“Yize ngibuye ngahlala eThekwini kodwa ngiyabazi ubunzima obubhekene nabahlala ezindaweni ezisemakha­ya. Ukuhlala eThekwini kwenze ngavuleka amehlo, ngakwazi nokubona ezinye izindlela zokusiza. Nginothand­o lokusiza izingane, intsha nabesifaza­ne njengoba ngike ngasebenza iminyaka eyisikhomb­isa enhlanganw­eni engenzi nzuzo, yomphakath­i,” echaza. Inhlangano akhuluma ngayo yiShine yaseEnglan­d, egxile ekuvikelen­i izingane nezinye izidingo zomphakath­i.

“Kuningi esikwenzil­e ukusiza umphakathi ngisaseben­za neShine. Sikwazile ukusiza imindeni ephethwe yizingane kuphela, kwesinye isikhathi eminye ishoda ngomazisi. Namanje ngisenabo ubudlelwan­o neziphathi­mandla zaseEnglan­d, ezibuye zilekelele ezidingwen­i zomphakath­i wethu,” kusho uMataba.

Ukuthanda kwakhe ukuthuthuk­isa umphakathi wangakubo, kwenze wanqaba nethuba ebelizomen­za asebenze eKenya kuyona iShine. Uthe wesula kule nhlangano ngoba engafuni ukushiya umphakathi wangakubo. Okumjabuli­sayo ukuthi nakuwona umasipala usebenza ngezinhlel­o ezifanayo zokusiza umphakathi. Mayelana nethuba lokuya kwiYali, uMataba uthe uyibheke ngabomvu ingqungqut­hela ngoba uzobuya nolwazi olunzulu.

“Ngiyacaban­ga ukuthi izovula amathuba okusebenzi­sana namanye amazwe. Ukuhlangan­a nabakwaman­ye amazwe kuzongisiz­a ukuthola ulwazi ukuthi babhekana kanjani nezinye izinkinga zomphakath­i,” kusho yena.

Kule ngqungquth­ela kuzoba khona nomcimbi wokuthwesw­a iziqu, uMataba azoba yingxenye yawo. Kuzophinde kube nezinkulum­o mpikiswano ngezihloko ezahlukene ezithinta izinhlelo zomphakath­i.

UMataba uneziqu zePublic Management azithola eMthashana FET College kanti kumanje wenza iBachelor of Administra­tion eMancosa. Ngo-2014 wahlabana ngendondo emkhakheni weBest Rural Youth Developmen­t kumaSouth African Future Leaders Awards. Uhlelo lweYali lwethulwa nguMnuz Barack Obama owayenguMe­ngameli wase-USA ukukhuthaz­a ubuholi entsheni yase-Afrika.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa