Isolezwe

Kudlisa izimbali ezingenise emfashinin­i

- ZANELE MTHETHWA

KUZODLISA izimpahla ezinezimba­li neziveza amahlombe kuleli hlobo njengoba seziqalile ukugcwala ezitolo.

Sekuze kwanetemu lembali yodumo kubathandi bezinkundl­a zokuxhuman­a, eliqhamuke nayo imfashini yalolu hlobo.

Le mbali eyi-rose elibovu, ingenise kuzo zonke izimpahla zokugqoka kwabesifaz­ane nabesilisa.

Ingenise kakhulu kumajini nakumajakh­ethi eDenim.

Umsiki wengqephu we-Afroliciou­s Designs uMamsie Mkhwanazi, uthe isitayela sembali asingenisi­le ezitolo zakuleli kuphela kodwa kuyo yonke imboni yemfashini.

“Kusuke kwaduma kakhulu izimpahla ezinembali ebomvu kodwa zinedumela nje izimbali njengoba kuzongena ihlobo. Ingenise ngamandla imbali ebovu, okungenzek­a futhi isheshe ibacike abanye. Kungakuhle abantu bangagxili kakhulu kulezi zimpahla ezinembali ebomvu kodwa bathenge nezinye izimpahla ezinezimba­li,” uchaze kanje.

Uthe kuyisu elihle nokuthenga izimbali ezingamaph­eshi ukuze uyinamathi­sele engubeni, ukwazi ukubuye ukuyikhiph­e uma ungasayith­andi.

Lezi zimbali ezingamaph­eshi zingenisil­e ezitolo eziningi zemfashini futhi ungazinama­thisela nange-ayina. Isolezwe lithole ukuthi imbali yodumo ayiqali ukuba nedumela kodwa ike yadlisa nangeminya­ka yabo-1960.

Kuthiwa iqale ukuduma kakhulu nasezimpah­leni zaseChina zakudala, yingakho nazo izimpahla ezinembali zibizwa ngeVintage Fashion.

Usaziwayo ongumethul­i wamaIdols uSomizi Mhlongo, ungomunye wabangenis­e ngezimpahl­a ezinezimba­li.

Ubonakale ngesudi namateku okunezimba­li emshadweni kaMinnie Dlamini nomyeni wakhe uQuinton Jones ngempelaso­nto.

USomizi uyaziwa ngokulande­lwa kakhulu ngabaningi ababukela kuyena ngokwemfas­hini.

Ngaphandle kwedumela lezimbali, kuleli hlobo kuzodlisa nezingubo eziveza amahlombe kwabesifaz­ane. Lezi zimpahla zibizwa ngama-Off Shoulder. Yize kuthiwa zifanela noma ngubani, kuhle ukungawugq­oki ubhodisi ngoba uvela kabi noma ugqoke onamabhand­e akhanyayo.

 ?? Isithombe: CINDY WAXA/ANA ?? INGENISE nakwabesil­isa imfashini enezimbali njengoba noSomizi Mhlongo ebegqoke isudi namateku anazo emshadweni kaMinnie Dlamini noQuinton Jones
Isithombe: CINDY WAXA/ANA INGENISE nakwabesil­isa imfashini enezimbali njengoba noSomizi Mhlongo ebegqoke isudi namateku anazo emshadweni kaMinnie Dlamini noQuinton Jones
 ?? Isithombe:SIMON DEINER ?? IZIMPAHLA zeRuff Tung ezidle ngezimbali ezizodlisa kuleli hlobo
Isithombe:SIMON DEINER IZIMPAHLA zeRuff Tung ezidle ngezimbali ezizodlisa kuleli hlobo
 ?? Isithombe:PINTREST.COM ?? KUDLISA eziveza amahlombe kwabesifaz­ane kuleli hlobo
Isithombe:PINTREST.COM KUDLISA eziveza amahlombe kwabesifaz­ane kuleli hlobo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa