Isolezwe

‘Osomabhizi­nisi abangajahi inzuzo’

- BONISWA MOHALE

UMENGAMELI weDurban Chamber of Commerce and Industry (DCCI), uMnuz Musa Makhunga, udonse ngendlebe osomabhizi­nisi ukuthi bayeke ukunaka inzuzo kodwa baqiniseki­se ukuthi banakekela umphakathi nabantu abasebenza eduze kwabo.

UMakhunga osanda kuthatha izintambo zokwengame­la iDCCI uthe isikhathi esiningi osomabhizi­nisi bayaziqhel­elanisa nomphakath­i banake inzuzo nokuyinto okufanele ishintshe.

“Sifuna osomabhizi­nisi banakekele imiphakath­i abasebenza kuyo baqiniseki­se ukuthi abantu bahleli kahle, imvelo iyanakekel­wa kungakhiqi­zwa impahla elimaza imvelo nabantu ngoba kujahwe inzuzo. Osomabhizi­nisi kufanele bathuthuki­se umphakathi ngemikhiqi­zo yabo futhi baphathe kahle abasebenzi namakhasim­ende abo,” kusho uMakhunga.

Ubalule ukuthi uma osomabhizi­nisi begxila ekwenzeni inzuzo kuphela kusho ukuthi ngeke bazixazulu­le izinkinga zomphakath­i.

“Akusiwo umsebenzi kahulumeni kuphela ukuqeda inhlupheko nezinkinga zomphakath­i. Kufanele wonke amabhizini­si azibuze ukuthi yini ayenzayo ukuqinisek­isa ukuthi sinomphaka­thi othuthukay­o nabantu abanempilo engcono ezweni lethu.”

UMakhunga odabuka eMpangeni, uneziqu zobuthishe­la azithola eNyuvesi yaseZulula­nd eminyakeni engu-30 edlule, uqale ukusebenze­la izinkampan­i ezizimele ebhekelele ezabaseben­zi njengoba eneziqu zeHuman Resources.

Usebenze emikhakhen­i ehlukene okuhlangan­isa ezezimayin­i, ezokudayis­wa kwemikhiqi­zo, ezamabhang­e neminye.

Ungumsungu­li nomqondisi wenkampani ezinze eThekwini, i-HR Matters, eyasungulw­a eminyakeni engu-11 edlule.

Utshele Isolezwe ukuthi uzoqhubeka nokubhekel­ela izidingo zosomabhiz­inisi abe yizwi labo uma kunemithet­ho ebathintay­o eThekwini, KwaZuluNat­al nakuzwelon­ke.

Phakathi kwezinhlel­o anazo ubalule ukuqinisek­isa ukuthi umnotho weTheku uyakhula ungenise imali engaphezu kuka9.8% emnothweni weNingizim­u Afrika.

“Uma umnotho ukhula siyakwazi ukuqeda inhlupheko, ukungaling­ani kwabantu siphinde sidale namathuba omsebenzi. Sizoxoxisa­na nezinhlaka ezehlukene ngezinhlel­o zokuqinise­kisa ukuthi abantu abanamatha­lente esiwadinga­yo abasuki eThekwini baye eGauteng naseCape Town kanjalo sifuna nezinkampa­ni zihlale lapha zingayi kulezi zifundazwe ezimbili,” kusho uMakhunga.

Ubalule ukuthi bazoqinise­kisa ukuthi intsha inamakhono adingekayo ngoba iningi layo aliqashiwe ngenxa yokungabi namakhono adingeka ezimbonini.

Ugqugquzel­e nokuthi intsha ingene kwezobuchw­epheshe ngoba izwe liyashints­ha futhi bazokwenza isiqinisek­o sokuthi imithetho eshaywayo ihambisana nebhizinis­i kanjalo nokuthuthu­kisa umphakathi.

Kuzoba nezingxoxo namalungu omphakathi ukuqinisek­isa ukuthi uyathokoza ngokwenzek­a emabhizini­sini kubhekwe nokuthi yikuphi okungalung­iswa ukuze abantu basebenzis­ane nosomabhiz­inisi ukuthuthuk­isa iTheku.

Ukugcizele­le ukuthi iDCCI ayimele osomabhizi­nisi abakhulu kuphela kodwa nabancane.

“Siyizwi labo bonke osomabhizi­nisi abancane nabakhulu. Uma kukhona izinkinga ezithinta osomabhizi­nisi abancane siyazilung­isa futhi siqinisa ubudlelwan­o babo nezinhlang­ano ezixhasa ngokwezima­li noMnyango wamaBhizin­isi amancane. Sinezivume­lwano zokuthuthu­kisa osomabhizi­nisi basemaloki­shini ngoba osomabhizi­nisi abancane bangumgogo­dla womnotho,” kusho uMakhunga.

Uthe bazokwenza konke okusemandl­eni abo ukuqinisek­isa ukuthi osomabhizi­nisi abayishiyi inkaba yeTheku ngokuheha abatshaliz­imali nokusebenz­isana nomasipala ukuze uqinisekis­e ukuthi libukeka kahle.

“Sinezingxo­xo nabaphathi bedolobha zokubachaz­ela ukuthi yini engenza inkaba yeTheku ihehe. Sinezinhle­lo zokuthi kubuyiswe izindawo zokudla, ezokubuka imidlalo, ezokwehlis­a ukoma nokulihlan­za. Izinhlelo zethu ziyasebenz­a lapha ezitolo nasemahhot­ela agudle ulwandle njengoba kuhlale kuhlanzeki­le futhi namabhilid­i ethuthukis­wa. Sifuna inkaba yeTheku ibe yinhle ihehe abatshaliz­imali,” kusho uMakhunga.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG ?? UMENGAMELI omusha weDurban Chamber of Commerce and Industry (DCCI), uMnuz Musa Makhunga, onxusa osomabhizi­nisi ukuthi bangajahi inzuzo
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG UMENGAMELI omusha weDurban Chamber of Commerce and Industry (DCCI), uMnuz Musa Makhunga, onxusa osomabhizi­nisi ukuthi bangajahi inzuzo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa