Isolezwe

Ukutshala imali singakufan­isa nokulima ngethemba lenzuzo

SIKHULA NGOMNOTHO

- Kuloba uMfundo Dzanibe

UKUFUNDA kwabantu ukuzitshal­ela ukudla nokufuya, ngobunye bobuchweph­eshe obungephik­we. Phambilini abantu babethola ukudla ngokuzinge­la, ukudoba nokukha izithelo zasendle bengenalwa­zi ngokutshal­a. Ngokuzilim­ela nokufuya abantu bakwazi ukwandisa ukudla abanako ngoba uhlamvu olulodwa lukhipha isikhwebu. Nokufuya kwasho ukuthi abasadingi ukuzingela.

Ngokuhamba kwesikhath­i kwaqala ukuhwebela­na ngokudla neminye imikhiqizo. Namhlanje ukulima nokufuya yikhona okuhamba phambili ekuqinisek­iseni ukuthi siyadla nsukuzonke. Okwehlukil­e wukuthi asisazilim­eli sekunabali­mi abangabahw­ebi.

Ukutshala imali singakufan­isa nokulima. Uthatha imali onayo, njengembew­u, uyitshale emabhizini­sini ngethemba lenzuzo. Isivuno sincike ekuvundeni kwenhlabat­hi otshale kuyo nesimo sezulu ongeke uqiniseke ngakho.

Kuyafana noma utshala imali, kunezinto ongeke uqiniseke ngazo ezifana nesimo sezombusaz­we, izinhlekel­ele zendalo nokunye.

Zikhona izinto ongazenza ukwandisa amathuba akho enzuzo. Esobala nje ukutshala imali yakho ezindaweni ezahlukene nokubhekis­isa isisekelo samabhizin­isi otshala kuwo. Asikho isiqinisek­o sokuthi isivuno sizoba sihle kodwa ngoba siyazi ukuthi kuyaba njalo, siyaqhubek­a sitshale. Siyafika isomiso, kodwa lokho akusho ukuthi ngeke siphinde sitshale. Okusemqoka wukuthi sesifunde izindlela zokukhulis­a isivuno. Nasemalini kunjalo, awutshali imali noma yikuphi, ubheka amathuba angcono. Ngikhumbul­a izinsuku lapho imindeni yayihlanga­na ilime, itshale iphinde ihlakule ndawonye. Noma sekuvunwa kwakuba yiso leso. Engenazo izinkabi sasithunyw­a ukuthi siyilimele, yona isize ekuhlakule­ni nasekuvune­ni.

Umbuzo uthi sihlulwa yini ukusebenzi­sa lezi zindlela zobuntu ukwakha umnotho. Ngokuhlang­anisa imali siyitshale ngokuhlang­anyela singazuza lukhulu. Eqinisweni sesiyakwen­za vele ukuthi sihlangani­se imali ngizitokfe­la, inkinga nje ukuthi asiyitshal­i.

Zimbili izindlela zokukhula kwemali uma uyitshalil­e. Okokuqala ikhula ngokunyuka kwentengo yebhizinis­i noma amasheya otshale kuwona. Okwesibili ukuthola inzalo njalo ngesikhath­i esithile ngokwesivu­melwano. Lezi zindlela ziyahlanga­niswa zakhe imbuyiselo enkulu. Imali yakho ikhula ngokunyuka intengo uphinde uthole inzalo ngokukhokw­a kwemihlomu­lo. Isibonelo esilula ukuthenga ibhilidi uqashise ngalo. Ngale ndlela uthola irenti nyanga zonke kanti intengo yebhilidi iyanyuka minyaka yonke. Kuyefana nasebhizin­isini noma amasheya lapho izabelo singazifan­isa nerenti noma inzalo.

Mhlawumbe uzibuza ukuthi ulithenga kanjani ibhilidi noma amasheya. Kukabili, ungathenga ucezu lwebhilidi noma isheya ebhange noma eJSE. Okwesibili ungahlanga­na nabanye abantu abanomqond­o ofanayo nihlangani­se imali nithenge ngomfeland­awonye.

Ukutshala imali akulona ulimi esilujwaye­le singabampi­sholo. Cishe ulimi esilikhulu­mayo ukubeka imali okusho ukonga. Ukonga kuqiniseki­sa ukuthi imali yakho ivikelekil­e futhi uyakwazi ukuyithola ngokushesh­a. Ngakolunye uhlangothi ukutshala imali akunaso isiqinisek­o sokuphepha kwemali futhi akuvamile ukuthi uyithole ngokushesh­a. Yiwona lo mehluko owenza iningi lethu ligxile ekongeni.

Seziyashin­tsha kodwa izinto ngoba usuyakwazi ukuthola imali yakho ngokushesh­a kwezinye izinhlelo zokutshala imali. Okubalulek­e kakhulu ukwehluka kwenzalo phakathi kwalezi zinhlelo. Ukonga kunika inzalo encane kakhulu evame ukuba ngaphansi kokwehla kwamandla emali noma ukwenyuka kwentengo yezidingo, i-inflation.

Ukutshala imali kuvame ukuba nembuyisel­o engaphezul­u kwe-inflation.

Kuyimanje mina ngifunda ngezindlel­a ezintsha zokutshala imali ezifana nemali ye-internet (cryptocurr­ency) sinabanye abanolwazi. Ukube ngangithen­ge enye yale mali ye-internet ukuqala konyaka ngenkulung­wane yamarandi (R1 000) ngabe manje nginezinku­lungwane ezingamash­umi ayisithuph­a (R60 000). Noma kunjalo angizisoli ngokungath­engi ngoba ngazi kancane kakhulu ngalolu hlelo lokutshala imali.

Ngicebisa ukuthi nawe uqaphele uma uqala inkambo yokutshala imali, thola ulwazi uqale kancane kancane. Iseluleko esinohlonz­e engingasik­hohlwa sithi ungatshali imali eqondene nezidingo zakho.

Njengesihl­ahla sezithelo okuthatha iminyaka ukuthi sithele, ukukhulisa umnotho kuthatha isikhathi.

Kungaba yimfundo, amabhilidi, amasheya, ukutshala imali yindlela ekufanele siyithathe ukukhulisa umnotho.

■Sishayele ku 031 829 5820. Sithinte kule email address mfundoa@gmail. com. Thumela uWhatsApp ku-083 354 8794 ujoyine UbuntuWeal­th group. Hheshe!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa