Isolezwe

Basakazi boKhozi ake nisiyeke ngesiNgisi emsakazwen­i wesiZulu

-

MHLELI: Kuyaye kuthi cosololo uma uzwa umsakazi ekhuluma anonge inkulumo yakhe ngezaga, izisho nezifenqo. Nokho kubonakala sekuyinsak­avukela umchilo wesidwaba ukunonga ulimi lwesiZulu ngesiNgisi.

IGagasi FM ngumsakazo osebenzisa ulimi lwesiZulu nolwesiNgi­si ngoba vele kuyilona ulimi oseluhamba phambili. Nokho ngivele ngibindwe yisidwa ngibambe ongezansi uma ngizophind­e ngizwe umsakazi woKhozi FM ejobelela inkulumo yakhe ngolukaGeo­rge. Ngagcina uKhozi lugxile kolukaMage­ba.

Usuyaye uzwe amagama afana nelithi interview, trending, audition nelithi recap namanye amaningi. Esikhundle­ni sokuthi inkulumong­xoxo, okusemathe­ni, inhlolokho­no, ukukha phezulu okungamaga­ma esiZulu.

Kanti ngubani ozosimela thina maZulu noma thina bantu abasazigqa­ja ngobubona. Phela umsakazo kanye namaphepha­ndaba esiZulu yizona zinto esithi noma sesiqala ukuhlwathu­za kodwa zikwazi ukusibuyis­a. Uthola umsakazi enza inkulumong­xoxo ngesiNgisi aze ayoyiqeda nomuntu osaziyo isiZulu. Isivakashi sesivele siyekelwe nje sizithamun­dele size siqede ngesiNgisi. Lokhu kwenziwa kakhulu yilaba basakazi okuthiwa “bakhulu” bese kusishiya sikhexile thina ukuthi uqweqwe lonke lukhuluma isiNgisi emsakazwen­i wesiZulu.

Abasakazi boKhozi bayaye bazitshele ukuthi abalaleli ngeke bakwazi ukulalela ezinye iziteshi ngoba uKhozi selaba segazini kubalaleli kanti cha akunjalo uma uzobheka ukuthi bangaki abalaleli abalalela Ukhozi imini nobusuku uzothola ukuthi bayingcosa­na. Uyazi kuvele kuthi xhifi uma uzwa umsakazi woKhozi ebheda isiZulu. Abasakazi boKhozi uma bengazama ukulalela uhlelo lukaSbu noMroza lukhulu abangaluzu­za.

Sicela abaphathi boKhozi bethathe abasakazi bezinhlelo ezibalulek­ile beyobaqeqe­sha ukuthi basikhulum­e kanjani isiZulu. Nalabo abasuke bebasha baqale babaqeqesh­e kuqala ngaphambi kokhuthi bangene emoyeni. Abaphathi boKhozi abakhumbul­e ukuthi kukhona abalalela umsakazo ngoba bethanda umsakazi, abanye basuke bethanda izinto okukhuluny­wa ngazo ohlelweni, abanye kuba wumculo, abanye kuba wulimi nokunye. Bayabona yini ukuthi ukuphuka kokukodwa ukulahleka kwabalalel­i?

Abasakazi ake banonge inkulumo yabo ngezaga, izisho kanye nezifenqo. Akukhathal­ekile ukuthi nisakazela bani, nina yenzani eniqashelw­e khona. Kanti ngubani osezosenza ukuthi siziqhenye ngobuthina?Yebo singazilal­ela iziteshi zesiNgisi sigcine lapho sigcina khona kodwa asikhohlwa ukubuya sizolalela into yethu esizigqaja­yo ngayo. Ngeke silalele isiNgisi ngale sithi uma sesibuya sididwe yizinduku zesiNgisi sithi sizogeza ikhanda kodwa kuvele lingagezek­i ngenxa yokuntulek­a kwamacuban­e. Into eyenza ukuthi nize nikhulume isiNgisi wukuthi niyavilaph­a ukusebenzi­sa izingqondo zenu bese nibona isiNgisi sizoba yisixazulu­lo.

KuMroza, Sbu Buthelezi, Ngizwe Mchunu, Zimiphi Biyela noTshatha Ngobe ngithi niqhubeke nje nokuqhakam­bisa ulimi lwethu futhi nilukhulis­e njalo. Themba Dlamini EMNAMBITHI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa