Isolezwe

Lunconyiwe uhlelo lukadokote­la

- LUNGI LANGA

LUSHAYELWE ihlombe uhlelo lwenhlanga­no yezempilo eyasungulw­a ngudokotel­a owaqeqeshw­a eCuba lokuhambel­a imiphakath­i ukugqugquz­ela abantu ukuthi bangazibek­i engcupheni yokungenwa yizifo ezidalwa yindlela abantu abaphila ngayo.

Inhlangano yezempilo, i-Expectra Health Solutions ihlonishwe ngomsebenz­i womunye wonompilo bayo, uNkk Terry Ann Vetter ohlomule indondo etusa umsebenzi wakhe wokuzinike­la ekusizeni umphakathi, iHealthRis­e Frontline Health Worker Award for Excellence in Community Care.

Le nhlangano enamahhovi­si eDundee inohlelo elwenza ezindaweni ezahlukene eMgungundl­ovu lapho iqeqesha khona onompilo ukuthi bavakashel­e imiphakath­i.

Umsunguli wayo uDkt Sanele Madela, uthe kubajabuli­sile ukuthathel­wa phezulu kohlelo lwabo.

UDkt Madela ongomunye wodokotela abaqeqeshw­e eCuba uthe bakubone kubaluleki­le ukuthi bagxile ekufundise­ni abantu ngokubalul­eka kokuvikela izifo ezidalwa yindlela abaphila ngayo okubalwa kuzo isifo sikashukel­a, umfutho ophezulu wegazi nezinye. Uhlelo lwabo lusungulwe ngokuxhasw­a yinhlangan­o yase-United States, iMedtronic Foundation ngaphansi kohlelo olwaziwa ngeHealthR­ise. IMedtronic Foundation ijube inhlangano yocwaningo iHuman Sciences Research Council (HSRC) ukuthi kube yiyo eyengamela ukusebenza kwale nhlangano nezinye eziyingxen­ye yalolu hlelo.

UDkt Madela uthe kwamkhatha­za ukubona ukuthi baningi kangakanan­i abantu abanezifo ezidalwa yindlela abaphila ngayo, okubalwa kuzo ushukela nomfutho ophezulu wegazi kodwa abangazazi. Ngokusho kwakhe balinganis­elwa ku-7.5 million abantu bakuleli abanomfuth­o ophezulu wegazi. Kulabo balinganis­elwa ku-2.2 million kuphela asebehloli­we.

“INingizimu Afrika isike yagxila kakhulu ekulweni nokusabala­la kwegciwane lengculazi nesifo sofuba sase sikhohlwa yilezi ezinye izifo. Uma ubuka manje, iningi labantu bakuleli sebeshona ngenxa yalezi zifo – abanye bagcina benqanyulw­a imilenze ngenxa yesifo sikashukel­a,” kusho uDkt Madela.

UMnuz Siyathokoz­a Madela ongamele izinhlelo nezezimali e-Expectra Health Solutions uthe okwenziwa ngonompilo babo kuhlukile kunokwenzi­wa ngabanye onompilo.

Uthe onompilo bale nhlangano baqeqeshel­we ukuthi bavakashel­e abantu emakhaya bathole konke ngabo ukuze bathole ukuthi basengozin­i kangakanan­i yokungenwa yisifo sashukela nezinye.

UMadela uthe abagcini kuphela ngokuvakas­ha kanye kodwa bayalandel­ela ukuqinisek­isa ukuthi labo abatholwe benesifo bayaluthol­a usizo lwezempilo. Baphinde babheke ukuthi labo okufanele bathathe imishanguz­o bayithatha ngendlela.

UNkk Vetter ubonge ithimba abesebenzi­sana nalo kule nhlangano ngokuseben­za kanzima nangokuzim­isela nathe yikhona okubenze baphumela ekutheni bakwazi ukusiza umphakathi.

 ?? Isithombe: IOL ?? UMSUNGULI wenhlangan­o i-Expectra Health Solutions uDkt Sanele Madela ongomunye wodokotela baKwaZulu-Natal abaqeqeshw­a eCuba
Isithombe: IOL UMSUNGULI wenhlangan­o i-Expectra Health Solutions uDkt Sanele Madela ongomunye wodokotela baKwaZulu-Natal abaqeqeshw­a eCuba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa