Bakhala ngamaphoyisa ‘akhubaze’ indoda
UMNDENI ukhala ngesihluku samaphoyisa okuthiwa agasela emzini wakwaMkhize eMuden, ngaphandle kwaseGreytown, efuna izibhamu ashaya kanzima ubaba wakhona okumanje usekhubazekile.
UNkk Buyisile MaMchunu Mkhize (53) uthe bafuna amaphoyisa achaze ngesenzo sawo sokukhubaza umyeni wakhe, uMnuz Nunuyani Mkhize (55), aphinde akhokhe zonke izindleko zokumelapha.
UNkk Mkhize elandisa Isolezwe uthe amaphoyisa agasela kwakhe ngo-12 ebusuku ngoJulayi 1 nonyaka.
“Ngangibuya enkonzweni eMpangeni, amaphoyisa angikhipha endlini asala ashaya umyeni wami efuna izibhamu zikababa wakwamakhelwane owayengumngani nomyeni wami. Amaphoyisa aze aphuma endlini esequlekile umyeni wami, amthela ngamanzi maqede azihambela. Amanye amalungu omndeni ayesegcekeni athelwa ngokuthize okwakusihila,” kusho uNkk Mkhize.
Uthe okubaxakayo ngukuthi kungani amaphoyisa afika emzini wakhe efuna izibhamu zikababa wakwamakhelwane owayesanda kushona.
Amaphoyisa kuthiwa athi njengoba eseshonile ubaba wakwamakhelwane asola ukuthi indodana yakhe ifihle izibhamu kuMkhize ngoba babengabangani.
“Ngesikhathi sishayela esiteshini samaphoyisa eMuden sicela ukuthi basithintele i-ambulensi abazange babuze nokuthi sikephi thina esidinga usizo, sabona nge-ambulensi isiqhamuka nokwenza sisole ukuthi amaphoyisa aseMuden ayenalo ulwazi lokuthi yimuphi umuzi ohlaselwe ngamaphoyisa efuna izibhamu,” kusho uNkk Mkhize.
Uthe bazama ukuvula icala esiteshini saseMuden kodwa batshelwa ukuthi umphathi siteshi uzofika emndenini ezowubona.
“Umphathi siteshi wafika kodwa akukho akukhuluma ngoba umyeni wami wayengekho esesibhedlela. Uhlale inyanga yonke esibhedlela njengoba ebuye esehamba ngezinduku futhi nomqondo wakhe ubuye ungasebenzi kahle. Washaywa kakhulu ekhanda,” kusho uNkk Mkhize.
Uthe akufunayo ngukuvulela amaphoyisa abahlukumeza icala ukuze akhokhe zonke izindleko zokulashwa komyeni wakhe.
“Inyanga yonke ngihambela esibhedlela ngibheka umyeni wami. Kumanje kumele ngihlale ngisekhaya ukuze ngimnakekele. Akekho osebenzayo ekhaya kodwa usahamba odokotela lapho sikhokha khona o-R300,” kusho uNkk Mkhize.
Uthe okwenzekile kwenze isimo saba nzima ekhaya.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseMuden aphenya icala lokushaywa kowesilisa ona-55.
“Kunophenyo olwenziwayo mayelana namaphoyisa athize ngodaba lokunqaba ukuvula icala. Isiteshi saseMuden siphenya necala lokushaywa kowesilisa ona-55 ngabantu abangaziwa. Siyanxusa ukuba umphakathi ubikele umphathi siteshi uma ungayitholi impatho enhle emaphoyiseni uma uzovula icala,” kusho uZwane.