Ubhacile oshiselwe umuzi esolwa ngokujola
USEKUBHACENI owesifazane waseRidgeview, eThekwini emuva kokuba uyise wezingane zakhe, engqongqise umjondolo wabo emsola ngokujola.
UNksz Nothando Mpetshwa (29) onendodakazi eneminyaka eyisishiyagalombili nendodana eneminyaka eyisikhombisa usinde ngokulambisa ngoLwesihlanu ebusuku. Ubehlaselwa ngumlisa esinalo igama lakhe (40) othi usaqhubeka nokumsabisa ngocingo. Utshele Isolezwe ukuthi sekuphele inyanga ehlukene noyise wezingane abebehlala naye.
“Ngaxakeka efika emjondolo engihlala kuwo ngoLwesihlanu ebusuku ethukuthele ngoba besingaxabene. Angimnakanga uma ekhuluma amagama okusonga, ngize ngathuka ngoba ngibona ephethe isigubhu sikaphethroli,” kuchaza uNksz Mpetshwa.
Uthe wayekwamakhelwane ngesikhathi kufika uyise wezingane, wakwazi ukudlubulundela nengane yentombazane.
Uveze ukuthi indodana yabo ibivele imvakashele uyise wezingane, okumanje unyamalale nayo. Selokhu kwenzeke lesi sigameko uNksz Mpetshwa uthe uthuka izanya ngoba akaphephile.
“Ngicashile kumanje ngoba ngisalinde ukuthola umazisi omusha ngoba konke kushe emjondolo ngisho izimpahla zesikole zezingane. Besithandana kuphela naye engakaze akhiphe lutho nasekhaya futhi akakwazi nakhona. Ubesehlala nenye intombi njengoba sihlukene.”
Kuthintwa uyise wezingane obesathukuthele, uthe ubesekhathele imikhuba yokujola kukaNksz Mpetshwa. Uthe bese behlale iminyaka engu naye, emenzela yonke into wafundisa nezingane zakubo.
“Sike sahlukana ngo-2015 ngimbambe ejola, wabuya wazoxolisa ngamamukela. Ngicasulwe ukuthola ngomakhelwane ukuthi ubejola udede, engenisa indoda uma ngingekho ngimsebenzini. Ngishise konke ngoba kwathengwa yimina, nayo indawo ebesibeke kuyo umjondolo ngeyami,” kusho uyise wezingane.
Uthe yize bebengashadile nonina wezingane zakhe, uyaziwa kubo ngoba uke wamyisa khona egula. Uvumile ukuthi indodana yakhe ikuyena ngoba ubevele eyilandile imvakashele.
“Ngiyazi ukuthi ngonile ngokushisa kodwa bengicasukile. Anginankinga ukuzinikela emaphoyiseni ngiyochaza.”
Omakhelwane bakaNksz Mpetshwa bathe wayekhala mi izinyembezi uyise wezingane ezoshisa umjondolo. Kuthiwa amaphoyisa afika emuva kwendaba angamthola. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe kuphenywa icala lokuhlasela nelokucekela phansi impahla. Uthe owesilisa wahlasela intombi yakhe maqede wabaleka nengane.