Isolezwe

UMbalula utuse amaphoyisa kugwetshwa umbulali

- LUNGI LANGA

UNGQONGQOS­HE wamaphoyis­a, uMnuz Fikile Mbalula, usencome amaphoyisa ngesigwebo esitholwe ngumlisa olahlwe yicala lokubulala umuntu obehlala eGlebeland­s owadutshul­wa wabulawa enkantolo.

UMbalula ubephawula ngemuva kokugwetsh­wa udilikajel­e kukaMxolel­eni Bhani (28) olahlwe yicala lokubulala uMnuz Sipho Ndovela owabulawa eNkantolo yaseMlaza ngoMeyi 2015. UBhani ugwetshwe ngoLwesihl­anu oludlule yiNkantolo eNkulu eThekwini. Uphinde wagwetshwa iminyaka engu-12 ngecala lokubulala elenzeke kuleliya hostela ngoJuni 2015 lapho kwadutshul­wa khona umlisa oneminyaka engu-40.

“Abaphenyi bethu benze umsebenzi omuhle kakhulu. Ngesikhath­i ngivakashe­la eGlebeland­s ngoLwesihl­anu kwakugwets­hwa isigebengu esiyingozi sanikwa udilikajel­e. Kuthathe izinkantol­o zethu iminyaka emibili ukugweba lesi sigebengu. Lokhu kufanele kutshengis­e abantu bakithi ukuthi ingalo yomthetho igcina isebenzile yize kungathath­a isikhathi eside,” kusho uMbalula.

Uthe kufanele ukuthi wayengaseb­enzi yedwa uBhani ngesikhath­i ebulala uNdovela owadutshul­wa enkantolo kasikhombi­sa.

Uthe ulindele ukuthi ithimba lezobunhlo­li lisebenze kanzima ukuthola loyo owayengung­qondongqon­do ekubulawen­i kwabantu.

Uthe abantu abasha kufanele bazicije ngemfundo bazame ukuphila impilo eyiyo ukuze bazithuthu­kise. Uthe uBhani ubeneminya­ka engu-27 ngesikhath­i enikela impilo yakhe ebugebengw­ini.

UMbalula uthe unethemba lokuthi namanye amacala afanayo asenkantol­o azokhipha imiphumela efanayo.

Uqhube wathi unethemba lokuthi ukugwetshw­a kukaBhani kuzoletha ukukhulule­ka emndenini nakubangan­i bakaNdovel­a.

UNgqongqos­he wezokuPhep­ha KwaZuluNat­al, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe ayadingeka amaphoyisa azinikele ekususeni izigilamkh­uba emphakathi­ni.

Uthe isinqumo sasenkanto­lo sithumela umyalezo ocacile ezigelekeq­eni– ukuthi ingalo yomthetho yinde futhi igcina ifinyelele ezigebengw­ini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa