Lunconyiwe uhlelo lukadokotela
LUSHAYELWE ihlombe uhlelo lwenhlangano yezempilo eyasungulwa ngudokotela owaqeqeshwa eCuba lokuhambela imiphakathi ukugqugquzela abantu ukuthi bangazibeki engcupheni yokungenwa yizifo ezidalwa yindlela abantu abaphila ngayo.
Inhlangano yezempilo, i-Expectra Health Solutions ihlonishwe ngomsebenzi womunye wonompilo bayo, uNkk Terry Ann Vetter ohlomule indondo etusa umsebenzi wakhe wokuzinikela ekusizeni umphakathi, iHealthRise Frontline Health Worker Award for Excellence in Community Care.
Le nhlangano enamahhovisi eDundee inohlelo elwenza ezindaweni ezahlukene eMgungundlovu lapho iqeqesha khona onompilo ukuthi bavakashele imiphakathi.
Umsunguli wayo uDkt Sanele Madela, uthe kubajabulisile ukuthathelwa phezulu kohlelo lwabo.
UDkt Madela ongomunye wodokotela abaqeqeshwe eCuba uthe bakubone kubalulekile ukuthi bagxile ekufundiseni abantu ngokubaluleka kokuvikela izifo ezidalwa yindlela abaphila ngayo okubalwa kuzo isifo sikashukela, umfutho ophezulu wegazi nezinye. Uhlelo lwabo lusungulwe ngokuxhaswa yinhlangano yase-United States, iMedtronic Foundation ngaphansi kohlelo olwaziwa ngeHealthRise. IMedtronic Foundation ijube inhlangano yocwaningo iHuman Sciences Research Council (HSRC) ukuthi kube yiyo eyengamela ukusebenza kwale nhlangano nezinye eziyingxenye yalolu hlelo.
UDkt Madela uthe kwamkhathaza ukubona ukuthi baningi kangakanani abantu abanezifo ezidalwa yindlela abaphila ngayo, okubalwa kuzo ushukela nomfutho ophezulu wegazi kodwa abangazazi. Ngokusho kwakhe balinganiselwa ku-7.5 million abantu bakuleli abanomfutho ophezulu wegazi. Kulabo balinganiselwa ku-2.2 million kuphela asebehloliwe.
“INingizimu Afrika isike yagxila kakhulu ekulweni nokusabalala kwegciwane lengculazi nesifo sofuba sase sikhohlwa yilezi ezinye izifo. Uma ubuka manje, iningi labantu bakuleli sebeshona ngenxa yalezi zifo – abanye bagcina benqanyulwa imilenze ngenxa yesifo sikashukela,” kusho uDkt Madela.
UMnuz Siyathokoza Madela ongamele izinhlelo nezezimali e-Expectra Health Solutions uthe okwenziwa ngonompilo babo kuhlukile kunokwenziwa ngabanye onompilo.
Uthe onompilo bale nhlangano baqeqeshelwe ukuthi bavakashele abantu emakhaya bathole konke ngabo ukuze bathole ukuthi basengozini kangakanani yokungenwa yisifo sashukela nezinye.
UMadela uthe abagcini kuphela ngokuvakasha kanye kodwa bayalandelela ukuqinisekisa ukuthi labo abatholwe benesifo bayaluthola usizo lwezempilo. Baphinde babheke ukuthi labo okufanele bathathe imishanguzo bayithatha ngendlela.
UNkk Vetter ubonge ithimba abesebenzisana nalo kule nhlangano ngokusebenza kanzima nangokuzimisela nathe yikhona okubenze baphumela ekutheni bakwazi ukusiza umphakathi.