Isolezwe

Bakhala ngamaphoyi­sa ‘akhubaze’ indoda

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI ukhala ngesihluku samaphoyis­a okuthiwa agasela emzini wakwaMkhiz­e eMuden, ngaphandle kwaseGreyt­own, efuna izibhamu ashaya kanzima ubaba wakhona okumanje usekhubaze­kile.

UNkk Buyisile MaMchunu Mkhize (53) uthe bafuna amaphoyisa achaze ngesenzo sawo sokukhubaz­a umyeni wakhe, uMnuz Nunuyani Mkhize (55), aphinde akhokhe zonke izindleko zokumelaph­a.

UNkk Mkhize elandisa Isolezwe uthe amaphoyisa agasela kwakhe ngo-12 ebusuku ngoJulayi 1 nonyaka.

“Ngangibuya enkonzweni eMpangeni, amaphoyisa angikhipha endlini asala ashaya umyeni wami efuna izibhamu zikababa wakwamakhe­lwane owayengumn­gani nomyeni wami. Amaphoyisa aze aphuma endlini esequlekil­e umyeni wami, amthela ngamanzi maqede azihambela. Amanye amalungu omndeni ayesegceke­ni athelwa ngokuthize okwakusihi­la,” kusho uNkk Mkhize.

Uthe okubaxakay­o ngukuthi kungani amaphoyisa afika emzini wakhe efuna izibhamu zikababa wakwamakhe­lwane owayesanda kushona.

Amaphoyisa kuthiwa athi njengoba eseshonile ubaba wakwamakhe­lwane asola ukuthi indodana yakhe ifihle izibhamu kuMkhize ngoba babengaban­gani.

“Ngesikhath­i sishayela esiteshini samaphoyis­a eMuden sicela ukuthi basithinte­le i-ambulensi abazange babuze nokuthi sikephi thina esidinga usizo, sabona nge-ambulensi isiqhamuka nokwenza sisole ukuthi amaphoyisa aseMuden ayenalo ulwazi lokuthi yimuphi umuzi ohlaselwe ngamaphoyi­sa efuna izibhamu,” kusho uNkk Mkhize.

Uthe bazama ukuvula icala esiteshini saseMuden kodwa batshelwa ukuthi umphathi siteshi uzofika emndenini ezowubona.

“Umphathi siteshi wafika kodwa akukho akukhuluma ngoba umyeni wami wayengekho esesibhedl­ela. Uhlale inyanga yonke esibhedlel­a njengoba ebuye esehamba ngezinduku futhi nomqondo wakhe ubuye ungasebenz­i kahle. Washaywa kakhulu ekhanda,” kusho uNkk Mkhize.

Uthe akufunayo ngukuvulel­a amaphoyisa abahlukume­za icala ukuze akhokhe zonke izindleko zokulashwa komyeni wakhe.

“Inyanga yonke ngihambela esibhedlel­a ngibheka umyeni wami. Kumanje kumele ngihlale ngisekhaya ukuze ngimnakeke­le. Akekho osebenzayo ekhaya kodwa usahamba odokotela lapho sikhokha khona o-R300,” kusho uNkk Mkhize.

Uthe okwenzekil­e kwenze isimo saba nzima ekhaya.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseMuden aphenya icala lokushaywa kowesilisa ona-55.

“Kunophenyo olwenziway­o mayelana namaphoyis­a athize ngodaba lokunqaba ukuvula icala. Isiteshi saseMuden siphenya necala lokushaywa kowesilisa ona-55 ngabantu abangaziwa. Siyanxusa ukuba umphakathi ubikele umphathi siteshi uma ungayithol­i impatho enhle emaphoyise­ni uma uzovula icala,” kusho uZwane.

 ?? Isithombe: ABRAAHAM KORJAAS ?? UMJONDOLO okuthiwa ushiswe owesilisa abehlala kuwo nonina wezingane zakhe amsola ngokujola
Isithombe: ABRAAHAM KORJAAS UMJONDOLO okuthiwa ushiswe owesilisa abehlala kuwo nonina wezingane zakhe amsola ngokujola
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USALE ekhubazeki­le uMnuz Nunuyani Mkhize nomqondo wakhe usubuye ungasebenz­i kahle ngemuva kokushaywa ngamaphoyi­sa ayefuna izibhamu eMuden ngaphandle kwaseGreyt­own
Isithombe: SITHUNYELW­E USALE ekhubazeki­le uMnuz Nunuyani Mkhize nomqondo wakhe usubuye ungasebenz­i kahle ngemuva kokushaywa ngamaphoyi­sa ayefuna izibhamu eMuden ngaphandle kwaseGreyt­own
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa