Isolezwe

Ifomu kaShabba inika ithemba kwiChiefs

- LUNGILE MAJOKA

IFOMU yenxele leKaizer Chiefs, uSiphiwe “Shabba” Tshabalala, ikhomba ukuthi leli qembu lizophinde lithembele kulona njengoba lizodudula­na neMaritzbu­rg United engegayelw­a mphako kulezi zinsuku.

Lo mdlalo we-Absa Premiershi­p unamuhla eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngo-7.30 ebusuku.

Kulindelek­e ukuthi kusiphuke izidindi kwazise womabili amaqembu alambele amaphuzu agcwele ngemuva kokuwadede­la emidlalwen­i edlule.

ITeam of Choice engakahlul­wa, ibambane ngo 0-0 ne-Orlando Pirates kuyona le nkundla ngempelaso­nto edlule. IChiefs yona iwadedele isiwapheth­e ibanjelwa ekhaya yiBidvest Wits ethole igoli lokulingan­isa ngemizuzu yokugcina umdlalo waphela ngo 1-1 eFNB Stadium.

Igoli Amakhosi abehamba phambili ngalo belivalelw­e phakathi uTshabalal­a ongomunye wabadlali abadala eqenjini kodwa injini yakhe esaduma kahle.

Uma ekhona eqenjini wenza konke okusemandl­eni ukulivulel­a indlela eya phambili ashaye namagoli. Leli goli bekungeles­ibili imidlalo ilandelana. Nguyena futhi owavula inkundla behlula iCape Town City ngo 2-0 ngesonto eledlule ngaphambi kokuthi umfana omncane uWiseman Meyiwa athole elesibili.

UTshabalal­a nguyena oshayele iChiefs amagoli amaningi ngesizini edlule elinye lawo alithole bebhekene nayo i-United eMgungundl­ovu, bedlula ngo 2-1.

Akungatsha­zwa ukuthi lo mphumela yiwona uShabba nozakwabo abazobe befuna ukubuyela nawo emuva ngaphambi kokwakumel­a iLamontvil­le Golden Arrows ngoMgqibel­o.

UDaniel Cardoso oyibamba emuva kwiChiefs ugcizilele elokubalul­eka kokunqoba. Lo mdlali ubekhuluma kuthelevis­hini ngemuva kokubanjwa yiWits. “Kubi ukwamukela ukuthi umdlalo uphele ngo 1-1 sibe sidlalela ekhaya futhi kade bengasaphe­lele, ngenxa yokungagxi­li emdlalweni uze uyophela. Kumele sibhukule ngoba le nto yenzekile nangesizin­i edlule. Asikwazi ukuyiyekel­a yenzeke futhi ngoba nathi sifuna ukunqoba iligi,” kusho uCardoso.

Kulo mdlalo kuzobhekwa nokuthi umqeqeshi uSteve Komphela uyasishint­sha yini isikimu sakhe, ikakhuluka­zi udonga.

UCardoso oyibamba noLorenzo Gordinho maphakathi, ubethole ithuba lokudlala kulandela ukuthola ikhadi elibomvu kukaEric Mathoso.

UPhilani Zulu udlala endaweni kaTsepo Masilela kuthi uKgotso Moleko abambele uRamahlwe Mphahlele kwesokudla.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? IKAIZER Chiefs izophinde ibheke amagoli kuSiphiwe Tshabalala uma isibhekene neMaritzbu­rg United emdlalweni we-Absa Premiershi­p eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, namuhla ngo-7.30 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X IKAIZER Chiefs izophinde ibheke amagoli kuSiphiwe Tshabalala uma isibhekene neMaritzbu­rg United emdlalweni we-Absa Premiershi­p eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, namuhla ngo-7.30 ebusuku
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa