Ithemba kwi-Arrows ngesiqalo kweyeMDC
UKUBUYISA izinduku ezimbangini iKaizer Chiefs kwiMultichoice Diski Challenge kufanele wukuthi kuyinikeze ukuzethemba ekulweleni isicoco iLamontville Golden Arrows enqobe umdlalo wayo wokuqala ngo 3-2 ishaya Amakhosi.
Abafana Bes’thende bebeze emdlalweni belambele ukuyikhipha inkani iChiefs ebathwalise kanzima ngesizini edlule.
Nebala amagoli kaMthokozisi Dube, Siyanda Dlamini noYussuf Jappie ayinikeze isiqalo esihle. Amagoli eChiefs ashaywe nguLucas Moses noNkosingiphile Ngcobo.
I-Arrows ilandelise ngokubambana neCape Town City ngo 2-2 eGugulethu Stadium ngempelasonto. ICity nayo ibivule kahle ibhaxabula iPolokwane City ngo 7-0.
NgoMsombuluko Abafana Bes’thende bazobhekana nabakhaya iMaritzburg United, engakahlulwa, eVosloorus ngo -11 ekuseni.
Ngaphambi kokuqala komqhudelwano, uPapi Zothwane, oyiphini lomqeqeshi kwi-Arrows, utshele abezindaba ukuthi bafuna ukushubisa umbango wesicoco.
I-Arrows isike yaba ngompetha ngo-2015 ngemuva kokubuya ishesha esigabeni esiphezulu. Ngesizini edlule ayizange ilibone elidlalayo isicoco sihamba neMamelodi Sundowns.
“Ngesizini edlule asizange senze kahle ngenxa yokuthi bese ingasekho intshisekelo yokunqoba kubadlali kodwa kule sizini sinesiqiniseko sokuthi sizovuka sizithathe. Iningi labadlali ebesinabo ngesizini edlule libuyile futhi kulokhu lilambele ukunqoba,” kusho uZothwane.
UZothwane, njengoVusumuzi Vilakazi ayiphini lakhe, noSurprise Moriri olekelela uDavid Notoane kwiSundowns, abanye abebengabadlali ngaphambi kokudlulela ebhentshini.